
Ithimba labantu abebekanye neqembu lesizwe iBafana Bafana ngesikhathi bemukelwa esikhumulweni sezindiza e- OR Thambo Goli
IBafana Bafana yamukelwe ngobuqhawe ngesikhathi ifika esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport ngemuva komkhankaso wayo womlando kwiNdebe YoMhlaba ye-2026 FIFA.
Iqembu lesizwe labesilisa abadala lamukelwe yizixuku zabalandeli ebeziphume ngobuningi ukuzogubha ukufinyelela kweqembu emizuliswaneni yokuhlunga (knockout rounds) yeNdebe YoMhlaba yeFIFA okokuqala emlandweni walo.
Ekhuluma nabezindaba eGoli ngoLwesine, ukaputeni weqembu uRonwen Williams ubonge abantu baseNingizimu Afrika ngokulweseka iqembu kuwo wonke umqhudelwano.
“Ngiyabonga nonke ngokuseseka kwenu nangokwamukela ngendlela emangalisayo kangaka. Ukubona ubunye bezwe ngesikhathi esinjengalesi kuyinto emangalisayo.
“Imithandazo, ukwesekwa kanye nawo wonke amazwi enu amahle enasiwathumelela kwakusho lukhulu kithi njengeqembu. Sangena enkundleni siphethe ukwesekwa, uthando nokukholwa kwezigidi zabantu baseNingizimu Afrika,” kusho uWilliams.
Uhambo lweBafana Bafana luphele ngeSonto ngemuva kokuhlulwa ngo 1-0 yiCanada, engelinye lamazwe abambisene ekusingatheni lo mqhudelwano, emdlalweni womzuliswano wabangu-32 eLos Angeles Stadium.
“Kube wuhambo oluhle kakhulu. Uma sibheka ukuthi sesihambe ibanga elingakanani njengeqembu, ikakhulukazi ngaphansi komqeqeshi uHugo Broos, singaziqhenya. Le mpumelelo eNdebeni yoMhlaba iyisicoco somsebenzi omuhle esesiwenzile isikhathi eside. Siyaziqhenya futhi siyajabula ngokuthi izwe lonke lijabule,” kusho uWilliams.
Umqeqeshi weqembu uthe uyajabula ngendlela iqembu elidlale ngayo kulo mqhudelwano.
“Bekungelula, kodwa sikwenzile. Kungumlando ebholeni laseNingizimu Afrika ukuthi iqembu lifinyelele emzuliswaneni wesibili weNdebe YoMhlaba, futhi lokho kwakuyinhloso yethu kusukela ekuqaleni. Sasebenza kanzima. Bekungelula, kodwa siphumelele. Yikho okubaluleke kakhulu,” kusho uBroos.
UBroos uthe ulwazi olutholwe kule Ndebe YoMhlaba luzosiza iqembu ukuthi lithuthuke futhi lilungiselele iNdebe Yezizwe zase-Afrika (AFCON).
“Lokho kufanele kube yinjongo yethu elandelayo. Futhi, sifuna ukuphinde sifanelekele iNdebe YoMhlaba ka-2030. Ngicabanga ukuthi uma iNingizimu Afrika ingakufeza lokho eminyakeni emithathu noma emine ezayo, wonke umuntu uzobona ngokushesha ukuthi ibhola laseNingizimu Afrika selithuthuke kangakanani.
“Uma uncintisana ezingeni eliphezulu kangaka, ufunda izinto eziningi futhi uzifunda ngokushesha. Ngicabanga ukuthi yilokho kanye okwenzeke kithi kule Ndebe YoMhlaba,” kusho lo mqeqeshi. – SAnews.gov.za

