IsiShayamthetho saKwaZulu-Natali sidlulisa amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kukaMhlonishwa uDktl. Nkululeko Ntuthuko Godfrey Mahlaba

UMhlonishwa uDkt Nkululeko Ntuthuko Godfrey Mahlaba, oshone ngoMgqibelo, mhla zizi-04 kuJulyi 2026.

USomlomo weSishayamthetho saKwaZulu-Natali, uMhlonishw uNontembeko Boyce, uzwakalise ukudabuka okukhulu ngokudlula emhlabeni kukaSihlalo WamaKomidi eSishayamthetho, uMhlonishwa uDkt Nkululeko Ntuthuko Godfrey Mahlaba, oshone ngoMgqibelo, mhla zizi-04 kuJulyi 2026.

UDkt Mahlaba ubeyilungu leSishayamthetho saKwaZulu-Natal emele i-African National Congress (ANC) kusukela ngoNcwaba ka-2022. Ngesikhathi eshona ubesebenza njengoSihlalo WamaKomidi futhi eyilungu leKomidi Lobuholi Bamasu (Strategic Leadership Committee) leSishayamthetho.

UMhlonishwa uBoyce uchaze uDkt Mahlaba njengomholi ohlonishwayo, inceku yomphakathi ezinikele, kanye nomuntu obeyigugu kubantu baKwaZulu-Natal, njengoba umsebenzi wakhe wokusebenzela umphakathi ubuhlanganisa imikhakha yezempilo, uhulumeni wasekhaya kanye nohulumeni wesifundazwe.

“Ukudlula emhlabeni kukaMhlonishwa uDkt Mahlaba kuwukulahlekelwa okukhulu hhayi kuphela yiSishayamthetho saKwaZulu-Natal ne-African National Congress, kodwa nawumphakathi wonke waKwaZulu-Natal awusebenzele ngokwethembeka nangokuzinikela empilweni yakhe yobungcweti neyepolitiki. Silahlekelwe umholi obezinikela emsebenzini wakhe, enesizotha futhi enomoya wokukhonza abantu kuzo zonke izikhundla aphathiswe zona.”

Umsebenzi kaDkt Mahlaba kwezokuphatha uhulumeni uhlanganisa ukuba yiLungu loMkhandlu oPhethe (MEC) elibhekele uMnyango WezokuHlaliswa Kwabantu kanye neMisebenzi yoMphakathi kusukela ngoNcwaba ka-2022 kuya kuNhlaba ka-2023. Emva kwalokho waqokwa njengoMEC woMnyango wezeMidlalo, EzobuCiko namaSiko kusukela ngoNhlaba ka-2023 kwaze kwaba uNhlaba ka-2024.

Ngaphambi kokusebenza kuhulumeni wesifundazwe, wasebenza njengeKhansela loHlelo Lokumelwa Ngokulingana (Proportional Representative Councillor), waphinde waba yiMeya yoMasipala waseNewcastle phakathi kuka-2019 no-2021. Ngaphambi kokungena kwezombusazwe, wanikela impilo yakhe ekwelapheni nasekusizeni imiphakathi yaseSifundeni sase-Amajuba njengodokotela wezokwelapha.

USomlomo uphinde waveza ukuthi ubuholi bukaDkt Mahlaba njengoSihlalo WamaKomidi baqinisa umsebenzi weSishayamthetho wokwengamela, ukuqinisekisa ukuphendula kwabaphethe izikhundla, kanye nokukhuthaza ukubusa ngentando yeningi esifundazweni.

“UMhlonishwa uDkt Mahlaba waziveza njengomholi owayezinikele ngokugcwele ekuthuthukiseni impilo yabantu bakithi. Waqhubeka nokusebenza ngenkuthalo emisebenzini yeSishayamthetho kwaze kwaba umzuzu wokugcina. Esikhundleni sakhe njengoSihlalo WamaKomidi, usanda kuhola ngempumelelo ithimba elihlanganisa wonke amaqembu ezepolitiki elivakashele isiFunda sase-Amajuba njengengxenye yamalungiselelo ohlelo olukhulu lweSishayamthetho lokubandakanya umphakathi olwaziwa ngokuthi Taking Legislature to the People, oluhlelelwe ukuba lubanjelwe kulesi sifunda ngoMandulo ka-2026.”

Lolu hlelo olubalulekile lokwengamela nokuxhumana nababambiqhaza lukhombise ukuzinikela kwakhe ekusondezeni iSishayamthetho kubantu nasekuqiniseni intando yeningi ebamba iqhaza. Uthando lwakhe lokubandakanya umphakathi kanye nokuzimisela kwakhe ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi iba nezwi eliqondile ekuphathweni kwezwe kwabonakala kuyo yonke le nqubo.

“Kubuhlungu kakhulu ukuthi umholi obezikhandla kangaka ekuqiniseni ubudlelwano phakathi kweSishayamthetho nabantu bakithi usethathwe yikufa kulesi sikhathi esibalulekile, engasazukuzibonela izithelo zomsebenzi wakhe omkhulu.”

USomlomo uthe uDkt Mahlaba uzokhunjulwa ngobumnene bakhe, ikhono lakhe lokuhlanganisa abantu abavela emaqenjini ezepolitiki nasezinhlanganweni ezahlukene, kanye nobuholi bakhe obubheke ikusasa.

“UMhlonishwa uDkt Mahlaba wayebhekana nazo zonke izinselelo ngobuhlakani, ngesizotha nangokuhlonipha abanye. Izeluleko zakhe, ubuholi bakhe obuqinile kanye nokuzinikela kwakhe okungaguquki ekusebenzeleni umphakathi kuzomkhumbula kakhulu amalungu awo wonke amaqembu ezepolitiki, abaphathi beSishayamthetho kanye nabantu baKwaZulu-Natal.”

Ifa likaDkt Mahlaba lizoqhubeka nokuphila ezinhliziyweni zabantu abaningi abathintwa umsebenzi wakhe njengodokotela, umholi womphakathi, ummeleli wabantu kanye nenceku yomphakathi.

“Nakuba silila ngokudlula kwakhe emhlabeni, siphinde sigubhe impilo ayiphile eyayigxile ekusebenzeleni abantu, ekuzweleni uzwelo nasekuqiniseni intando yeningi yethu. Iqhaza lakhe eSishayamthetho nasesifundazweni saKwaZulu-Natal lizohlala liyingxenye ebalulekile yomlando nezinkumbulo zesikhungo sethu.”

Egameni leSishayamthetho saKwaZulu-Natal, uSomlomo udlulisa amazwi enduduzo kumkakhe kaDkt Mahlaba, ezinganeni zakhe, emndenini, kubangani, kozakwabo emsebenzini, kumaqabane akhe ku-African National Congress, kanye kubo bonke abantu abathintwe umsebenzi nobuholi bakhe.

“Imicabango nemikhuleko yethu ikanye nomndeni wakwaMahlaba kulesi sikhathi esinzima. Sengathi bangathola amandla nenduduzo ngokwazi ukuthi igalelo likaDkt Mahlaba emphakathini nasekusebenzeleni izwe lishiye ifa eliyohlala likhuthaza izizukulwane ezizayo.”

ISishayamthetho saKwaZulu-Natal sizomemezela eminye imininingwane mayelana nenkonzo yesikhumbuzo kanye namalungiselelo omngcwabo uma umndeni wakwaMahlaba usukuqinisekisile.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *