UMgcinimafa Kazwelonke uthi ukumiswa kwesikhashana kwezabelo ezilinganayo komasipala kuyisinyathelo sokulungisa, hhayi ukujezisa

IPhini loMqondisi-Jikelele (DDG) elibhekele uBudlelwano phakathi koHulumeni eMnyangweni, u-Ogalaletseng Gaarekwe

SHEILA MHLONGO

UMgcinimafa Kazwelonke (National Treasury) uthi awulindele ukuthi ukumiswa kwesikhashana kokudluliselwa kwezabelo ezilinganayo (equitable share) zikaJulayi 2026 komasipala abangama-69 eNingizimu Afrika kube nomthelela ekulethweni kwezinsizakalo emphakathini.

Izikhulu eziphezulu zoMnyango zichazele abezindaba ePitoli ngoLwesithathu, kulandela isimemezelo esikhishwe ngoLwesibili.

IPhini loMqondisi-Jikelele (DDG) elibhekele uBudlelwano phakathi koHulumeni eMnyangweni, u-Ogalaletseng Gaarekwe, lichaze ukuthi izingxenye zale mali ziyakhululwa uma omasipala sebethumele izinhlelo zokukhokha ezisayiniwe nabakweletwayo.

“Kulesi sikhathi ngonyaka odlule sasimise izabelo zomasipala abangama-75, kodwa ngiyakuqinisekisa ukuthi ekuqaleni kuka-Agasti sase sesiyikhululile yonke imali yabo. Konke kuncike ekutheni omasipala bayashesha kangakanani ukulungisa izinhlelo zabo zokukhokha bese bezithumela kithi.

“Uma lezo zingxenye sezikhululiwe, omasipala bayabakhokhela abakweletwayo. Uma lokho sekuphothuliwe, sibe sesikhulula yonke imali. Asilindele ukuthi lokhu kuthikameze ukulethwa kwezinsizakalo ngoba iningi lemali esetshenziswa omasipala livela emalini abayiqoqa ngokwabo,” kusho uGaarekwe ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ePitoli.

Ingxenye yemali emisiwe ilinganiselwa ku-R13.5 billion kwisabelo sonyaka esiphelele esingu-R100 billion.

UGaarekwe ugcizelele ukuthi ukumiswa kwale mali akuhloselwe ukujezisa omasipala, kodwa kuwumzamo wokulungisa indlela abasebenza ngayo nokuvikela imiphumela engemihle engabangelwa ukungalandelwa komthetho.

“Ngokombono wethu, silungisa indlela yokuziphatha komasipala. Kumele sijwayele ukukhokha labo esibakweletayo. Kukhona izikhathi lapho imali yezikhwama zempesheni idonswa emiholweni yabasebenzi kodwa ingadluliselwa ezikhwameni ezifanele. Uma kwenzeka okuthile, imindeni yabo ayikwazi ukufaka izicelo zemihlomulo ngoba umasipala awuzange uyikhokhe leyo mali.

“Sifuna ukuqinisekisa ukuthi abantu abajwayeli ukungakhokhi izikweletu,” kuchaza uGaarekwe.

Omasipala abathintekile baziswe kusenesikhathi ngaphambi kokuthi kumiswe izimali zabo, baphinde banikezwa nethuba lokwethula izizathu zokuthi kungani le mali kungafanele imiswe.

“Izincwadi zokuqala zathunyelwa komasipala mhla zingama-22 nango-23 Juni. Ngaleso sikhathi sabhalela omasipala abangama-99, kwathi abangama-30 baphendula ngendlela eyenze ukuthi singayimisi imali yabo.

“Lesi yisinyathelo sokugcina futhi asifisi ukusenza njalo. Silindele ukuthi indlela yokusebenza ishintshe ukuze kungabe kusadingeka siphinde senze lokhu.

“Sizimisele kakhulu ukuqinisekisa ukuthi kulandelwa umthetho. Kubalulekile ukuthi omasipala, kanye nazo zonke izigaba ezintathu zikahulumeni, zihambisane nemithetho esinayo,” kusho uGaarekwe.

Umthelela odlulela kwabanye

UMqondisi Omkhulu wezokuHlaziywa kweSabelomali soHulumeni Bezindawo kuMgcinimafa Kazwelonke, uJan Hattingh, uveze ukuthi ukuqhubeka kokungakhokhi kwezinye izikweletu komasipala kuba nomthelela omkhulu ogcina usuphazamisa ukulethwa kwezinsizakalo.

“Ngenxa yalesi sinyathelo, ngokubambisana noMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, amabhodi amabili amanzi ayesesimweni sokusongwa asakwazi ukuqhubeka nokusebenza. Uma ibhodi lamanzi lingakwazi ukuqhubeka nokuhlinzeka ngezinsizakalo, umphumela uba mubi kakhulu ngoba imiphakathi ayisakwazi ukuthola amanzi.

“Impela kukhona ukuxhumana nalokho okuqukethwe embikweni woMcwaningi Mabhuku Jikelele waseNingizimu Afrika (Auditor-General South Africa) wokuhlolwa kwamabhuku kahulumeni bezindawo ka-2024/25. Kodwa esizama ukukulungisa wukuthi uma lowo mbiko usukhishwa, kuba sekudlule isikhathi.

“Esikubonile ukuthi imikhandlu eminingi yamukela izabelomali ezingaxhaswanga ngemali eyanele. Yingakho umsebenzi wethu uwukusiza omasipala ukuthi bethule izabelomali ezixhaswe ngokugcwele futhi sibasize ukubhekana nezinkinga zokuhlela kusenesikhathi. Uma ungahlele kahle bese usebenzisa imali engaphezu kwesabelomali, lokho kuthathwa njengokusetshenziswa kwemali okungagunyaziwe,” kusho uHattingh.

Uqhube wathi umsebenzi owenziwa uMgcinimafa Kazwelonke ukusiza nokweluleka omasipala usubanzi kakhulu.

“Size sakha nohlaka oluzobasiza ukuphatha izinyathelo zokubhekana nalabo abangalandeli imigomo. Ekugcineni, yimikhandlu eyenza izinqumo zokugcina, ngakho yiyo futhi ethwala umthwalo walezo zinqumo.

“Sikhathazekile ngokuthi izinsizakalo azifinyeleli emphakathini ngendlela efanele. Enye yezinselelo esibhekene nazo ukuthi uma omasipala bengasebenzisi kahle izibonelelo abazitholayo, leyo mali igcina ibuyiselwa esiKhwameni Sezimali Sikazwelonke.

“Lokho akusikho esikufisayo ngoba le mali kanye nalezi zibonelelo kuhloswe ngazo ukuthuthukisa ukulethwa kwezinsizakalo emphakathini. Yingakho sisebenzisana noMgcinimafa bezifundazwe kanye nabanye ozakwethu ukusiza omasipala bathuthukise izinhlelo zabo zokuhlela nezokwenza izabelomali ukuze basebenzise kahle le mali, futhi izakhamuzi zizuze ezinsizakalweni ezihlosiwe,” kuphetha uHattingh.– SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *