
SHEILA MHLONGO
Ngemva kokufika kwesigaba sokuqala somthamo oyizigidi ezingu-3.5million somgomo we-Biogénesis Bagó Foot and Mouth Disease (FMD), uNgqongqoshe Wezolimo uMnu. John Steenhuisen unxuse yonke iminyango yezolimo ezifundazweni ukuba ibeke phambili ukugonywa kwezilwane eziningi ngangokunokwenzeka emasontweni azayo.
Ingxenye esele yalomthamo omkhulu oluvela e-Argentina usuvele usendleleni futhi kulindeleke ukuthi ifike kuleli sonto.
“Lona ngumthwalo omkhulu kunayo yonke owake wangena eNingizimu Afrika wemigomo ye-FMD ngesikhathi esisodwa. Izifundazwe kufanele manje zisheshe futhi zisebenze ngokuphuthuma ukukhulisa umkhankaso wokugoma ukuze kuvikelwe umhlambi kazwelonke wezinkomo olinganiselwa ezigidini ezingu-14,” kusho uNgqongqoshe ngeSonto.
INingizimu Afrika isiphumelele ukuthola nokungenisa imithamo yomgomo eyizigidi ezingu-13.5 ngaphambi kokuphela kukaMeyi 2026, okubalwa kuyo nemithamo eyizigidi ezingu-3.5 efike ngeSonto lomhlaka 24 Meyi .
“Ukutholakala kwemithamo eyizigidi ezingu-13.5 ezinyangeni ezine kuphela kukhombisa indlela esiyithatha ngokuzimisela ngayo le ngosi,” kusho uSteenhuisen.
Lo mkhankaso wokugoma uyingxenye yesu elibanzi loMnyango Wezolimo lokufeza nokugcina izinga lokuthi “izwe elingenaso isifo se-FMD kodwa lisebenzisa ukugoma”, ngesikhathi kuvikelwa izindlela zokuziphilisa zasemakhaya, ukuphepha kokudla kanye nokuthunyelwa kwemikhiqizo yezolimo kwamanye amazwe.
“Uma siqhubeka nokusebenza ngokuzimisela nangokuqinile, futhi siqinisekise ukuthi le migomo ifakwa ngokushesha nangempumelelo, singaqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ayiphinde ibhekane nokuqubuka kwalesi sifo ngezinga elifana naleli. Kodwa uhulumeni angeke akwenze lokhu yedwa.
“Wonke umnikazi wemfuyo unesibopho sokuvikela izilwane zakhe ngokulandela izindlela eziqinile zokuphepha kwezifo, ukuthobela imithetho yokuhamba kwemfuyo, kanye nokubamba iqhaza ngokuphelele ezinhlelweni zokugoma nezokuhlonza izilwane,” kusho yena.
UNgqongqoshe ugcizelele ukuthi ukunqoba i-FMD kudinga ukubambisana kukazwelonke phakathi kukahulumeni, imboni yezolimo kanye nemiphakathi yabalimi.
“Lesi yisikhathi esidinga ubambiswano nokusebenza ngokuhlanganyela. Abalimi bezentengiselwano, abalimi bemiphakathi, odokotela bezilwane, izinhlangano zemboni kanye nohulumeni bonke banendima okufanele bayidlale uma sifuna ukunqoba lesi sifo futhi sivikele ikusasa lomkhakha wemfuyo.
“Okusengcupheni kuphezulu kakhulu. Lokhu kumayelana nokuvikela amathuba emisebenzi, ukuvikela umnotho wasemakhaya, ukuqinisekisa ukuphepha kokudla, kanye nokuvikela intshisekelo yezwe,” kusho uSteenhuisen.
Ukuze kusekelwe umkhankaso osheshisiwe wokugoma, kuzokuqashwa futhi kuthunyelwe ochwepheshe abaningi bezempilo yezilwane ezifundazweni ezithintekile ukuze kuqiniswe umsebenzi osezingeni eliphambili nokwandisa amandla okugoma. – SAnews.gov.za

