
Umholi we Isibusiso Ibandla LeNkosi Baptist Church in Zion, uMbhishobhi Omkhulu P.S. Dlamini, ophinde abe nguMsunguli noMqondisi we MsengiWamabhubesi Foundation,
VUSI KUNENE -INTERFAITH
NEWCASTLE – Umholi we Isibusiso Ibandla LeNkosi Baptist Church in Zion, uMbhishobhi Omkhulu P.S. Dlamini, ophinde abe nguMsunguli noMqondisi we MsengiWamabhubesi Foundation, uhlonishwe nge Honorary Award emcimbini wama Amazion Crown Music Awards ngenxa yobuholi bakhe obuvelele kanye negalelo alibeke ekukhuliseni nasekuqiniseni amabandla aseZion eNingizimu Afrika.
Lo mklomelo uyisibonakaliso sokubonga umsebenzi omkhulu awenze eminyakeni edlule ekukhonzeni uNkulunkulu, ekwakheni umphakathi, nasekukhuthazeni ubunye, uthando nentuthuko phakathi kwabantu.
Ngaphandle kobuholi bakhe ebandleni, uMbhishobhi Dlamini uphinde wahola imisebenzi eminingi yokuthuthukisa umphakathi nge MsengiWamabhubesi Foundation, lapho inhlangano isebenza khona ekusizeni imiphakathi, ekuthuthukiseni intsha, ekwesekeni imfundo, nasekuhlanganiseni izinhlaka ezahlukene ukuze kwakhiwe umphakathi ongcono.
I-MsengiWamabhubesi Foundation izwakalise ukujabula nokuzigqaja ngalokhu kuhlonishwa komsunguli wayo, yathi lo mklomelo uwubufakazi bokuzinikela kwakhe, ubuqotho bakhe, kanye nomsebenzi wakhe ongakhathali wokukhonza uNkulunkulu nokusebenzela abantu.
Lo mklomelo uqinisekisa ukuthi uMbhishobhi Omkhulu uP.S. Dlamini ungomunye wabaholi baseZion abanegalelo elikhulu ekuguquleni izimpilo zabantu nasekuletheni uguquko oluhle eNingizimu Afrika.
Siyakuhalalisela Mbhishobhi Omkhulu P.S. Dlamini ngalokhu kuhlonishwa okufanele. Sengathi uNkulunkulu angaqhubeka ekunika amandla, ukuhlakanipha nezibusiso njengoba uqhubeka nokukhonza isizwe nomphakathi.

