
Omunye woNgqongqoshe abafungiselwe esikhundleni esisha kuKhabhinethi kaMengameli uCyril Ramaphosa
Ongqongqoshe abasha namaPhini oNgqongqoshe baseNingizimu Afrika bafungiswe ngokusemthethweni kulandela izinguquko ezenziwe kuSigungu Sikazwelonke nguMengameli uCyril Ramaphosa.
Lo mcimbi wokufungiswa ububanjelwe e-Union Buildings ePitoli ngoLwesithathu ntambama.
“Ngokwamandla engiwaphiwe yiSigaba 91 isigatshana sesi-2, sifundwa kanye neSigaba 91 isigatshana sesi-3 soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika ka-1996, nginqume ukuqoka laba bantu njengaboNgqongqoshe eminyangweni evezwe eMqulwini Wokuqokwa osayinwe nguMengameli: uDavid John Maynier njengoNgqongqoshe Wezamahlathi, Ezokudoba Nezemvelo, kanye noDina Deliwe Pule njengoNgqongqoshe WezokuThuthukiswa Komphakathi,” kusho uMengameli Ramaphosa.
Laba bobabili babe sebefunga isifungo sokwethembeka noma benza isiqinisekiso sokwethembeka, bafungiswa yiBamba leSekela leJaji Elikhulu, uNonkosi Mhlantla.
“Ngokwamandla engiwaphiwe yiSigaba 93 isigatshana soku-1(a) soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika ka-1996, nginqume ukuqoka laba bantu njengamaPhini oNgqongqoshe eminyangweni evezwe eMqulwini Wokuqokwa osayinwe nguMengameli: uMnu John Henry Steenhuisen njengePhini likaNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana; uDkt Jack Bloom njengePhini likaNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle; kanye noMnu Yusuf Cassim njengePhini likaNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme,” kusho uMengameli.
Nabo bafungiswe ngokusemthethweni.
UMengameli Ramaphosa umemezele lezi zinguquko kuSigungu Sikazwelonke esitatimendeni asikhiphe ngoLwesibili ebusuku.
Lezi zinguquko zilandele ukubonisana nobuholi beDemocratic Alliance (DA), njengelungu likaHulumeni Wobumbano Lukazwelonke (GNU). – SAnews.gov.za
Top of Form
Bottom of Form

