Isabelomali sehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali singaphezu kwezibalo kuphela, kusho uNtuli

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli ethula isabelo mali sehhovisi lakhe esiShayamthetho saKwaZulu-Natali ngoLwesibili eMgungundlovu

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu. Thamsanqa Ntuli, uthe Isabelomali SeHhovisi LikaNdunankulu sonyaka wezimali ka-2026/27 asingesona nje isethi yezibalo kuphela, kodwa siyisitatimende esiveza ngokusobala izinto eziza kuqala kuHulumeni Wesifundazwe kanye nokuzibophezela kwawo ekuphathweni okuhle, okuhlelekile nokubambisanayo.

Ethula iSabelomali sikaVote 1 phambi kweSishayamthetho saKwaZulu-Natal eMgungundlovu ngoLwesibili lomhlaka 14 Julayi, uNtuli uthe lesi sabelomali sibonisa amagugu, umbono kanye nendlela iSifundazwe esiholwa ngayo ngaphansi koHulumeni Wesikhombisa.

“Somlomo ohloniphekile, lesi Sabelomali asigcini ngokuba yizibalo kuphela. Siyisitatimende senhloso. Sichazela abantu bakithi lokho esikubeka eqhulwini. Sibatshela ukuthi imali yabo yentela isetshenziswa kuphi nokuthi kungani,” kusho uNtuli.

IHhovisi LikaNdunankulu linikezwe isabelomali esingu-R856.2 million sonyaka wezimali ka-2026/27. Kulesi samba, u-R234.2 million uzosetshenziswa kwezokuPhatha (Administration), u-R392.7 million uthunyelwe kuHlelo Lokuthuthukiswa Kwezikhungo (Institutional Development), kanti u-R229.2 million uzosetshenziswa kuNqubomgomo kanye noKubusa (Policy and Governance).

UNtuli uthe yize iminyango ehlinzeka ngezinsiza kubantu isebenza ngqo emphakathini, iHhovisi LikaNdunankulu lona linikeza isiqondiso, lihlanganise ukusebenza kweminyango, lihlele izinqubomgomo, liqaphe ukusebenza, lisebenzise ubufakazi ekuthathweni kwezinqumo futhi liqinisekise ukuthi izinhlelo ziyafezeka.

“Isabelomali sezibhedlela sakha amawadi. Isabelomali semigwaqo sakha amabhuloho. Kodwa isabelomali sethu sakha isiqondiso. Sakha ukuvumelana nokusebenza ngokuhlanganyela. Sakha izinhlelo ezenza umsebenzi wayo yonke eminye iminyango ube yimpumelelo,” kusho yena.

UNDUNANKULU ukhumbuze amalungu eSishayamthetho ngobunzima obatholwa uHulumeni Wesikhombisa ngesikhathi ungena esikhundleni, okubalwa kubo umonakalo odalwe yizinxushunxushu zangoJulayi 2021, izinhlekelele ezibangelwa ukuguquka kwesimo sezulu kanye nobunzima bomnotho obuqhubekayo.

Uthe uHulumeni Wesifundazwe ubhekane nalezi zinselelo ngokusebenzisa indlela ehlanganisa wonke amazinga kahulumeni kanye nomphakathi ukuze kubuyiswe ukuzethemba, kusheshiswe ukuhlinzekwa kwezinsiza futhi kuvuselelwe ithemba kubantu.

Ekhuluma ngokukhula komnotho, uNtuli uveze ukuthi iKwaZulu-Natal ithole izithembiso zokutshalwa kwezimali ezilinganiselwa ku-R89 billion ngo-2024, ezakhuphukela ku-R101 billion ngo-2025.

Uthe futhi sekubuyiselwe emsebenzini abantu abangaphezu kuka-6 000 kusukela ngasekupheleni kuka-2024, kwathi ukukhula komnotho wesifundazwe kwakhuphuka kusuka ku-1.1% ngo-2024 kuya ku-1.8% ngo-2025, kwafinyelela ku-2.0% ngesikhathi sekota yokuqala ka-2026.

UNtuli uthe lokhu kudalwe ikakhulu amaphrojekthi amakhulu engqalasizinda, okubalwa kuwo ukuthuthukiswa kwezokuthutha eThekwini Port, ukulungiswa komhubhe u-N3, ukunwetshwa kwe-Dube TradePort, ukuthuthukiswa kweRichards Bay Industrial Development Zone, ukulungiswa kwemigwaqo, amaphrojekthi amanzi kanye nokutshalwa kwezimali emandleni avuselelekayo.

UNDUNANKULU uphinde waveza ukuthi nesimo sokuphepha emphakathini sesithuthukile, njengoba amacala okubulala, ukuzama ukubulala, awocansi, ukugebenga okunodlame, ukudunwa kwezimoto kanye nokugqekezwa kwezindlu sehle.

“Lezi akuzona nje izibalo kuphela. Zisho ukuthi imindeni eminingi isilala ngokuthula ebusuku,” kusho yena.

Ukuqinisa ukubambisana phakathi kwezinhlaka zikahulumeni, uNtuli umemezele ukuthi sekusebenza ngokugcwele imikhandlu eyisithupha yesifundazwe eholwa uNdunankulu. Le mikhandlu ihlanganisa:

  • UMkhandlu waKwaZulu-Natal Olwa Nobugebengu;
  • UMkhandlu Wezinguquko Zesimo Sezulu Nentuthuko Eqhubekayo;
  • UMkhandlu Wesifundazwe WeNgculazi;
  • UMkhandlu Wezomnotho waKwaZulu-Natal;
  • UMkhandlu Wokuthuthukiswa Kwezabasebenzi;
  • kanye noMkhandlu Wobumbano Lomphakathi Nokuvuselelwa Kokuziphatha.

Uthe uMkhandlu Wokuthuthukiswa Kwezabasebenzi uzoba neqhaza elikhulu ekuvaleni igebe lamakhono kanye nokuhambisanisa imfundo nokuqeqeshwa nezidingo zemakethe yemisebenzi.

Isifundazwe sizosebenzisana namanyuvesi, amakolishi e-TVET, amakolishi omphakathi kanye nomkhakha ozimele ekuthuthukiseni amakhono kwezobunjiniyela, ubuchwepheshe bolwazi nezokuxhumana (ICT), ezokuthutha, ezempilo, imisebenzi yezandla kanye nemikhakha emisha efana nobuhlakani bokwenziwa (Artificial Intelligence), ama-robotics, ukuvikeleka kwezobuchwepheshe (Cybersecurity), amandla avuselelekayo kanye nezimboni zesimanje.

UNtuli uthe iHhovisi LikaNdunankulu lizoqhubeka nokuqinisa i-Operation Sukuma Sakhe kanye neDistrict Development Model ngenhloso yokwenza ukuhlinzekwa kwezinsiza kube okuhlanganisiwe futhi kukhuliswe ukubamba iqhaza komphakathi.

Nakuba amaKhabhinethi Izimbizo eseqhutshwe kuzo zonke izifunda eziyi-11 kusukela ngo-Okthoba 2024, uthe kusekhona izinselelo okubalwa kuzo ukusebenza okungalingani kwamanye ama-OSS War Rooms, ukuntuleka kwamandla komasipala kanye nokusalela emuva kwezinsiza ezifana namanzi, ukuthuthwa kwendle, imigwaqo, ugesi kanye nezindlu.

Ukuze kubhekwane nalezi zinselelo, uhulumeni uhlela ukuvuselela ama-OSS War Rooms, aqinise ukuqapha nokuphathwa kwamacala, athumele amaqembu ochwepheshe komasipala ababhekene nobunzima, aqinise ukubophezeleka futhi asheshise ukulethwa kwengqalasizinda.

UNDUNANKULU uphinde wagqamisa izinhlelo eziholwa yiHhovisi LikaNdunankulu, okubalwa kuzo i-Engangeni Ngesango Liyafohla, egxile odabeni lwabantu bokufika abangekho emthethweni kanye nomthelela wabo ezinsizeni zikahulumeni nasemisebenzini; i-ICHILO, ehlose ukulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane (GBVF); kanye neSecondary Cities Initiative, ehlose ukukhuthaza ukutshalwa kwezimali emadolobheni angaphandle kwezikhungo ezinkulu zesifundazwe.

Ukulondolozwa Kwamasiko Nobukhosi

Mayelana noBukhosi bakwaZulu, uNtuli uthe uhulumeni uzibophezele ekuqhubekiseni izinguquko ekuphathweni ngenkathi kugcinwa futhi kuhlonishwa amasiko.

Uthe ukusungulwa kweBhodi leZulu Royal Household Trust kuzoqinisa ukuphathwa kwezindaba zoBukhosi, kuvikele impahla futhi kuhlonze amathuba okusimamisa imali engenayo, okubalwa kuwo amabhizinisi ezolimo emaPulazini eSilo ase-Ulundi kanye namathuba okutshalwa kwezimali kwezindawo zokuhlala abafundi.

UNdunankulu uphethe ngokuphinda aqinisekise ukuzibophezela kweHhovisi LikaNdunankulu ekwakheni uHulumeni Wesifundazwe onamandla, osebenza ngobuqotho, onobuholi obuhle futhi osebenzisana ngempumelelo ukuze kuthuthukiswe impilo yabantu baKwaZulu-Natal.-SANews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *