ITheku lisingathe ngempumelelo umcintiswano we-Absa Run Your City Durban

IDolobha laseThekwini liphinde laba sematheni kule mpelasonto edlule ngesikhathi abagijimi abangaphezu kuka-12 000 bebambe iqhaza emjahweni i-ABSA Run Your City Durban.Ukusingathwa ngempumelelo kwalo mcimbi kuphinde kwaveza inqubekelaphambili eqhubekayo yeTheku ekwakheni idolobha elihlanzekile, eliphephile nelisezingeni lomhlaba ekusingatheni imicimbi emikhulu yezemidlalo.

UMasipala waseThekwini ubambe ngempumelelo umcintiswano wokugijima i-ABSA Run Your City Durban ngempelasonto edlule, wamukela abagijimi abangaphezu kuka-12 000 abaqhamuke ezindaweni ezahlukene zaseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe ase-Afrika, ngesikhathi uqhakambisa iTheku njengedolobha elihlanzekile, eliphephile nelisezingeni lomhlaba ekusingatheni imicimbi emikhulu yezemidlalo.

Ukuqinisekisa impumelelo yalo mcimbi, uMasipala wenze umsebenzi omkhulu wokuhlanza ngaphambi komcimbi, ngesikhathi uqhubeka nangemuva kokuphela kwawo.

Amaqembu azinikele aqinisekise ukuthi umzila womjaho uhlale uhlanzekile kuwo wonke umcimbi, aphinde ahlanze imigwaqo nezindawo zomphakathi ngokushesha nje lapho sekudlule umgijimi wokugcina. Lokhu kukhombise ikhono leDolobha ekuhlinzekeni ngezinsiza ezisebenzayo zokuphathwa kwemfucuza ngesikhathi semicimbi emikhulu.

Lo mcimbi uphinde waveza inqubekelaphambili enkulu eseyenziwe ngohlelo lukaMasipala lokuvuselela iDolobha Elimaphakathi (Inner City Regeneration Programme) eminyakeni emibili edlule.

Imisebenzi yokuhlanza eyenziwa nsuku zonke, ukuqiniswa kokugcinwa komthetho, ukulungiswa kwengqalasizinda, ukuvuselelwa kwezakhiwo ebeziyinkinga kanye nokuphathwa kangcono kwezindawo zasemadolobheni, sekuguqule ukubukeka kweDolobha, kwaphinde kwabuyisela ukuzethemba kubahlali, amabhizinisi, abatshalizimali kanye nezivakashi.

Njengengxenye yalolu hlelo lokuvuselela idolobha, izakhiwo eziyinkinga ezingu-11 sezilungiswe ngabanikazi bazo, eziyisithupha zabhidlizwa, okuhlanganisa nesakhiwo esikhulu esasiwudaba emphakathini, kanti eziyi-16 zenziwe umsebenzi wokulungiswa kwesakhiwo ukuze kuthuthukiswe ukuphepha nokufaneleka kokuhlalwa kuzo.

Izindawo zokuthuthukiswa kwamadolobha ezifana neRivertown nazo zibe negalelo ekuvuselelweni kweCentral Business District (CBD) yaseThekwini, kanti nokulungiswa kwezindlu zangasese zomphakathi kuthuthukise ukuhlanzeka kanye nesipiliyoni sezivakashi.

Ubambiswano lukaMasipala nenhlangano i-Ensure Ubuntu nalo seluveze imiphumela ebonakalayo ekuthuthukiseni ukuphepha komphakathi.

Ngokusetshenziswa kwamanxusa asemigwaqweni (street ambassadors) asekelwa amaqembu aphendula ngokushesha ezimweni eziphuthumayo, ubugebengu obubonakala emigwaqweni behle ngamaphesenti angama-28, kanti nesikhathi sokuphendula ezimweni eziphuthumayo sithuthuke ngamaphesenti ayi-19.

Le mpumelelo ikhombisa ukuzibophezela okuqhubekayo kukaMasipala ekugcineni iTheku lihlanzekile, liphephile futhi lamukela wonke umuntu unyaka wonke.

Amaqembu aphethe ukuphathwa kwemfucuza nokuhlanza asebenza nsuku zonke ezindaweni ezahlukene zeDolobha ukuze kugcinwe izindawo zomphakathi zihlanzekile futhi kwakhiwe indawo enempilo kubahlali kanye nezivakashi.

Nokho, ukugcina idolobha lihlanzekile kuwumsebenzi odinga ukubambisana kwawo wonke umuntu.

UMasipala unxusa izakhamuzi, amabhizinisi kanye nezivakashi ukuba zisekele le mizamo ngokulahla imfucuza ngendlela efanele, zigweme ukungcolisa imigwaqo nokulahla imfucuza ngokungemthetho, futhi zikhiphe imfucuza kuphela ekuseni ngosuku oluhlelelwe ukuqoqwa kwayo.

UMasipala waseThekwini uyaqhubeka nokuzibophezela ekutshaleni izimali ezindaweni zomphakathi ezihlanzekile nezilondolozwe kahle, kanye nasekuhlinzekeni ngezinsiza zikaMasipala ezisezingeni eliphezulu.

Ngokusebenza ngokubambisana phakathi kwezakhamuzi, amabhizinisi noMasipala, singavikela imvelo, sithuthukise impilo yomphakathi, siqinise ezokuvakasha nokukhula komnotho, futhi siqinisekise ukuthi iTheku liyaqhubeka nokuba yidolobha elihlanzekile, eliphilayo nelamukela wonke umuntu.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *