
Isithombe:
IMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba namuhla yethule ngokusemthethweni iBlundell Bridge and Road entsha eShallcross, ngemuva kokuthi kwakhiwe kabusha kulandela umonakalo owadalwa yizikhukhula zango-2022.-Isithombe: Thuli Dlamini
IMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba namuhla yethule ngokusemthethweni iphrojekthi yengqalasizinda yeBlundell Bridge and Road ebize izigidi ezingu-R71, ngemuva kokuthi ibhuloho nomgwaqo kulungiswe kabusha kulandela umonakalo omkhulu owadalwa yizikhukhula zango-2022.
Le phrojekthi yengqalasizinda, eseyiwine nemiklomelo, iyisixhumanisi esibalulekile emgwaqweni oseningizimu yeTheku njengoba ixhumanisa imiphakathi yaseShallcross naseQueensburgh.
IMeya uXaba ithe ukuthuthukiswa kweBlundell Bridge and Road kungenye yamaphrojekthi amaningi engqalasizinda uMasipala asewawakhe kabusha futhi wawathuthukisa ngemali yawo kanye nezabelo ezivela esiKhwameni Sikazwelonke Sokweseka Izinhlekelele (National Disaster Relief Fund).
Ithe uMasipala uzibophezele ekuqinisekiseni ukuthi yonke ingqalasizinda eyakhiwa kabusha ihambisana nezindinganiso zesimanje zobunjiniyela.
“Sizoqinisekisa ukuthi yonke ingqalasizinda iyakwazi ukumelana nezikhukhula zesikhathi esizayo kanye nezimo zezulu ezinzima. Sakha ingqalasizinda ekwazi ukumelana nokuguquka kwesimo sezulu. Leli bhuloho lakhiwe ngendlela yokuthi likwazi ukumelana neziphepho ezingenzeka kanye kuphela eminyakeni eyikhulu,” kusho iMeya uXaba.
Ibhuloho elidala lalinezinkinga eziningi njengoba laliminyene, lingenazo izindlela zabahamba ngezinyawo kanye nezinsiza zesimanje zokuphepha, futhi lalibhekene nobungozi obukhulu bokukhukhulwa yizikhukhula.
Ingqalasizinda entsha ihlanganisa ukwakhiwa kabusha komgwaqo omusha ongamamitha angaba ngu-450. Ibhuloho lona linobude obungamamitha angu-90 nobubanzi obungamamitha angu-14, linemizila emibili ephelele yezimoto kanye nezindlela ezikhethekile zabahamba ngezinyawo.
IMeya uXaba incomile uMnyango Wezobunjiniyela weDolobha ngokuzinikela kwawo ekuletheni le phrojekthi kusukela ekuhlelweni kwayo kuze kube sekuphothulweni, yaphawula ukuthi yonke yahlelwa, yaklanywa futhi yaphathwa ngabasebenzi boMasipala.
“Ngokwenza lo msebenzi ngaphakathi kuMasipala, asigcinanga ngokusheshisa ukuqedwa kwawo cishe ngeminyaka emibili kuphela, kodwa siphinde songa imali elinganiselwa ezigidini ezingu-R10 eyayizokhokhelwa izinkampani zobungcweti,” kusho yena.
Le phrojekthi yaqedwa phakathi neminyaka emibili, kanti amaphesenti angu-30 omsebenzi ayebandakanya ukubamba iqhaza komphakathi, lapho izinkampani zakule ndawo zabelwa khona amathuba omsebenzi abiza cishe izigidi ezingu-R16.
Ngaphezu kwalokho, ngesikhathi sokwakhiwa esithathe izinyanga ezingu-16, le phrojekthi idale amathuba omsebenzi kubantu ababalelwa kwabangu-20 njalo ngenyanga.
Le phrojekthi yengqalasizinda ebize izigidi ezingu-R71, futhi eyakhelwe ukumelana nokuguquka kwesimo sezulu, ibuyise isixhumanisi esibalulekile sezokuthutha phakathi kweShallcross neQueensburgh, yathuthukisa ukuphepha kwabasebenzisi bomgwaqo nabahamba ngezinyawo, futhi yafakazela ukuzibophezela kweDolobha ekwakheni kabusha ingqalasizinda eqinile, ephephile kanye nokudala amathuba omnotho emiphakathini yendawo.

