
IMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba ekhuluma emhlanganweni
UMkhandlu weTheku uphasise ukubuyiswa kohlelo lukashwele wezikweletu (Debt Relief) olubhekene namakhasimene ayefake izicelo zokwaphulelwa izikweletu ezabe zisacutshungulwa ngesikhathi sokuvalwa kwaloluhlelo ngoJanuwari 2026
Cishe zibalelwa ku 154 izikweletu ezihlonziwe ezimayelana nogesi,amanzi, kanye nama rates. Lezikweletu zihlangene zibiza cishe inani lemali engu – R112.3 million.
IMeya yeTheku ukhanslela Cyril Xaba usenxuse amakhasimende ayengakwazanga ukuthi angene phansi kwaloluhlelo oluyisipesheli loshwele wezikweletu (Special Debt Relief)ngenxa yokuthi kwakusacutshungulwa izicelo zawo ukuthi uthathe lelithuba oluyingqayizivele. Kanti louhlelo luvuliwe kusukela kulenyanga kaJualyi kuze kube ukuphela kuka Agasti 2026
“Ngesikhathi siqala loluhlelo lokunikeza ushwele wokucima izikweletu ngo 50% , kusukela ngo Meyi kuya ku-Juni 2025 kulabo abebekweleta iDolobha ezabe zinezicelo zikashwele eziphumelele ngasekupheleni kuka Januwari 2025. Amakhasimende kanye nababambiqhaza baphinda bacela ukuthi kwelulwe isikhathi.
NjengoMasipala onakekelayo nolalelayo saphendula ngokuthi selule isikhathi kusukela ngoNovemba 2025 kuya kuJanuwari 2026 ukuze sisizwe ukwehlisa umthwalo kubanikazi bamakhaya kanye namabhizinisi.”Kusho iMeya uXaba.
IMeya iqhube yathi ngesikhathi sezingxoxo nomphakathi, amakhasimende abe efake izikhalazo kuMasipala mayelana nezikweletu zawo acela ukuthi aphinde anikezwe ithuba lokuthi nawo ahlomule njengoba izicelo zawo zasisacutshungulwa ngesikhathi kuvalwa uhlelo.
“Sizwile ukukhala kwezakhamizi ezikhathazekile ngokweqiniso, futhi siyajabula ukuphinde sivule lelithuba , Sikhuthaza wonke amakhasimende anezicelo eziphumelele ukuthi athathe lelithuba.” Kusho iMeya uXaba.
Uhlelo lukaShwele wezikweletu oluyisipesheli oluphele ngoJanuwari 2026 lwenze ukuthi uMasipala akwazi ukucima imali ebalelwa ku R515 million, lokhu okwenze ukuthi amakhasimende abalelwa ku 4,500 athole ukwethulwa umthwalo wenkinga yezimali.
UMeya uXaba unxuse wonke amakhasimende afake izicelo zezaphulelo zezikweletu ukuthi avakashele amahhovisi kaMasipala aseduze nawo, ngaphambi kokuthi kuphinde kuvalwe loluhlelo ekupheleni kuka Agasti 2026.

