
UKUQINISEKA kokuthi izakhamuzi namabhizinisi zithola amanzi ngaphandle kokuphazamiseka kuhlala kuyinto ebaluleke kakhulu kuMasipala waseThekwini
Ngokwenza utshalomali olukhulu kwingqalasizinda kanye nokuthatha izinqumo ezibalulekile zoMkhandlu, uMnyango Wezinsiza Zamanzi Nezokuthuthwa Kwendle usebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi ompompi bayaqhubeka nokugeleza.
Le mizamo eguqule indlela yokulethwa kwezinsiza ngesikhathi sokuphatha sango-2021 kuya ku-2026 igqanyiswa emkhankasweni kaMasipala waseThekwini weminyaka emihlanu wezimpumelelo zokulethwa kwezinsiza ngaphansi kwendikimba ethi “Asimile Siyaqhuba: Ukuqina Naphezu Kwezinselelo.”
Njalo ngeSonto, uMasipala uzobe wethula kule ngosi izimpumelelo ezifezwe yiminyango, amagatsha kanye nezinhlaka zawo ezahlukene, ukukhombisa intuthuko eyenziwe ekuthuthukiseni izimpilo zabahlali eminyakeni emihlanu edlule.
Kuleli sonto kugxilwe emsebenzini woMnyango Wezinsiza Zamanzi Nezokuthuthwa Kwendle.
AMADAMU OKUGCINA AMANZI ASE-ADAMS K5 NO-K6
UMnyango Wezinsiza Zamanzi uqede ngempumelelo ukuthuthukiswa kwamadamu okugcina amanzi ase-Adams K5 no-K6 ngo-2022 ngenhloso yokwandisa umthamo wokugcina amanzi ezindaweni zase-Adams Mission ezingaphansi kwamaWadi 67 no-96.
Idamu lase-Adams K5 landiswe lisuka kumamegalitha amabili (2 ML) layofinyelela kumamegalitha ayisithupha (6 ML) ngokwakhiwa kwesigaba esisha esinomthamo wamamegalitha amane (4 ML) endaweni yedamu elikhona.
Ngokufanayo, idamu lase-Adams K6 nalo lathuthukiswa kakhulu, kwakhuphuka umthamo walo usuka kumamegalitha amabili (2 ML) waya kwangu-10 ML.
IDAMU LASESHONGWENI
Ngo-2023, uMasipala waqala ukusebenza ngokusemthethweni kweDamu laseShongweni, okwandise kakhulu amandla okugcina amanzi emiphakathini elitholayo.
Leli damu linomthamo wokugcina amanzi ongamamegalitha ayisithupha (6 ML).
ISIKHUNGO SOKUHLANZA AMANZI SASEMKHIZWANA
Isikhungo Sokuhlanza Amanzi saseMkhizwana sathuthukiswa, kwakhuphuka amandla aso okukhiqiza amanzi asuka ku-1.5 ML ngosuku aya ku-4 ML ngosuku.
ISIKHUNGO SOKUHLANZA AMANZI ANGCOLILE SASENYAKATHO
Umsebenzi wokubuyisela esimweni Isikhungo Sokuhlanza Amanzi Angcolile saseNyakatho uqhubeka kahle, kanti sekubonakala ukuthuthuka okukhulu kwizinga lamanzi ahlanziwe akhishwa esikhungweni.
Amaqembu ochwepheshe asezinzise ukusebenza kwalesi sikhungo, esesifinyelele ezingeni lokuhambisana nezindinganiso zekhwalithi yamanzi angaphezu kwamaphesenti angu-80.
IZIKHUNGO ZOKUHLANZA AMANZI ANGCOLILE ZASEUMBILO NASEKWANDENGEZI
Kuyaqhubeka umsebenzi wokulungisa nokuvuselela Izikhungo Zokuhlanza Amanzi Angcolile zase-Umbilo naseKwaNdengezi.
Lezi zikhungo ziphakathi kwengqalasizinda yezokuthuthwa kwendle eyalimala kakhulu ngesikhathi sezikhukhula ezedlule, okwadala umonakalo ezingxenyeni zemishini, zikagesi kanye nezokwakha.
Ukufakwa kwamapayipi amanzi ezikhukhula (stormwater pipelines) ukuze kuthuthukiswe ukuphathwa kwamanzi kulezi zikhungo zombili nako kuyaqhubeka kahle.
ISITESHI SOKUMPOMPA AMANZI SASENTUZUMA
Isiteshi Sokumpompa Amanzi saseNtuzuma saqalwa kabusha ukusebenza ngoZibandlela (Disemba) wonyaka odlule.
Lokhu kuthuthukiswa kufake ukuvuselelwa kwezingxenye zemishini nezikagesi, okwandise ukusebenza nokwethembeka kwalesi siteshi.
Manje sesinezimpompo ezingu-15, okuhlanganisa nezokubekela eceleni, ubuchwepheshe obusebenza kahle kakhulu, izinhlelo zokulawula ezizenzakalelayo kanye nezinhlelo zokuqapha ukusebenza ngesikhathi sangempela.
ISITESHI SOKUMPOMPA AMANZI ANGCOLILE SASEUMDLOTI
UMnyango Wezinsiza Zamanzi Nezokuthuthwa Kwendle usuqede umsebenzi obalulekile wokulungisa nokubuyisela esimweni Isiteshi Sokumpompa Amanzi Angcolile sase-uMdloti.
Lesi siteshi sifakelwe izimpompo ezimbili ezintsha.
IPHROJEKTHI YOKWANDISA IPHAYIPHU ELIKHULU LAMANZI LASENYAKATHO
Ukuhlangabezana nesidingo esiqhubeka sikhula enyakatho yeTheku, uMasipala uqede futhi waqala ukusebenza ngamaphrojekthi amabili amakhulu engqalasizinda, okuwukwakhiwa kwepayiphu elisha elikhulu lokwengeza ukuhlinzekwa kwamanzi eNyakatho (Northern Aqueduct Augmentation Pipeline) kanye nokwakhiwa kwepayiphu lamanzi elingu-600mm ukusuka eHazelmere kuya eGrange Reservoir.
IBHULOHO LAMAPAYIPHU NABAHAMBA NGEZINYAWO ELASECANELANDS
UMasipala uvuselele iBhuloho Lamapayiphu Nabahamba Ngezinyawo laseCanelands, okuqinisekisa ukuthi izakhamuzi zaseVerulam ziqhubeka nokuthola izinsiza ngaphandle kokuphazamiseka.
Abezindaba bayanxuswa ukuthi baqhubeke nokulandela izinhlelo zikaMasipala ezishicilelwa njalo ngeSonto, eziveza impumelelo ebalulekile kanye nezinyathelo ezinkulu ekulethweni kwezinsiza ezifinyelelwe eThekwini eminyakeni emihlanu edlule.
Lo mkhankaso uyatholakala futhi kuzo zonke izinkundla zokuxhumana ezisemthethweni zoMasipala waseThekwini.

