UPule unxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bakhulume ngokuhlukunyezwa ngokobulili nokubulawa kwabantu besifazane

I-Poster yomkhankaso olwisana nodlame lobulili

UNgqongqoshe WezokuThuthukiswa koMphakathi, uDina Pule, unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bangathuli uma bebona izimpawu zokuhlukunyezwa ngokobulili nokubulawa kwabantu besifazane (GBVF), kodwa babike ngokushesha ngaphambi kokuba izimo ziphenduke inhlekelele.

Lesi sinxuso sikaPule sifika ngesikhathi izwe lilungiselela ukugubha iNyanga Yabesifazane ngoNcwaba.

UNgqongqoshe uthe ukuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kudinga ukubambisana kwabo bonke abantu, abesifazane nabesilisa ngokufanayo, wagcizelela ukuthi ukubika kusenesikhathi kungasindisa izimpilo.

“Uma ubona izimpawu zokuhlukunyezwa ngokobulili nokubulawa kwabantu besifazane, ungasilindi isikhathi sokuthi sekwephuze kakhulu. Kumele wazise amaphoyisa kanye nosonhlalakahle ngokushesha ukuze bangenelele basize, sigweme izinkinga ezinkulu. Uma singakuphuli ukuthula, sigcina sesibhekene nezimo ezimbi kakhulu,” kusho uPule engxoxweni abe nayo neGovernment Communication and Information System (GCIS).

UNgqongqoshe uthe ukubamba kwakhe iqhaza ezinhlanganweni zabesifazane esemncane kwamnika ulwazi olubanzi ngezinselelo ezibhekana nabesifazane, amantombazane kanye nabesifazane asebekhulile, abaningi babo abasahlukunyezwa nanamuhla.

Uthe ukwanda kwezigameko ze-GBVF kwenze uhulumeni walubeka lolu daba njengolubaluleke kakhulu ezweni, kwaze kwaba yilapho uMengameli uCyril Ramaphosa ememezela i-GBVF njengenhlekelele kazwelonke.

UPule uphinde wanxusa amadoda ukuthi abe seqhulwini ekuvikeleni nasekulweni nodlame olubhekiswe kwabesifazane.

“Amadoda angabavikeli babantu besifazane, okuhlanganisa omkabo, omama kanye nezingane. Akukho ndoda engazalwanga owesifazane, ngakho angiqondi ukuthi kungani noma iyiphi indoda ingafuna ukulimaza abantu besifazane,” kusho yena.

Nakuba izigameko ze-GBVF zivamise ukuthola ukunakwa okukhulu ngesikhathi seNyanga Yabesifazane, uPule uthe abantu baseNingizimu Afrika kufanele basebenzisane ukwenza ukuthi ukugujwa kwalo nyaka kube yisikhathi lapho kubikwa khona izigameko ezimbalwa zokuhlukunyezwa, okuzoba ubufakazi bokuthi amadoda afunde isifundo futhi azimisele ukuvikela abantu besifazane bakuleli.

INyanga Yabesifazane igujwa minyaka yonke ngoNcwaba ukuhlonipha abesifazane abangaphezu kuka-20 000 abamasha baya e-Union Buildings mhla zi-9 kuNcwaba 1956 beyobhikishela imithetho yamapasi kahulumeni wobandlululo.

Lowo mashi usuphenduke uphawu lwesibindi sabesifazane kanye nomzabalazo oqhubekayo wokulingana ngokobulili. Le nyanga iphinde ibe yithuba lokubungaza impumelelo yabesifazane, ngesikhathi kugqanyiswa nezinselelo abasabhekene nazo.

Yize uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uhlinzeka ngokuvikelwa kwamalungelo abantu futhi uhulumeni esungule izinhlelo eziningi zokulwa nalolu dlame, ukuhlukunyezwa ngokobulili nokubulawa kwabantu besifazane kusaqhubeka nokuba enye yezinselelo ezinkulu emphakathini. Uhulumeni, izinhlangano zomphakathi kanye nemiphakathi bayaqhubeka nokuqinisa imizamo yokuvimbela udlame, ukweseka abasinde ekuhlukunyezweni kanye nokuqinisekisa ukuthi abenzi bobubi bayaphenduliswa.– SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *