
UMnyango Wezemidlalo, Ezobuciko NamaSiko usumemezele ukuthi sekungaqokwa abantu nezinhlangano abazongenela Imiklomelo Kazwelonke Yezobuciko NamaSiko (National Arts and Culture Awards – NACA) ka-2026, wanxusa abaculi, izikhungo zamasiko, izinhlangano zomkhakha, izinhlangano zomphakathi kanye nomphakathi jikelele ukuthi bathumele iziphakamiso zabo ngaphambi komnqamulajuqu wale ngosi.
Le miklomelo, eqhutshwa ngaphansi kwendikimba ethi “Celebrating Our Nation’s Creative Excellence” (Sibungaza Ubungcweti Nobuhle Bobuciko Besizwe Sethu), ihlonipha abantu nezinhlangano ezibe negalelo elikhulu ekuthuthukiseni imikhakha yezobuciko, amasiko kanye namagugu aseNingizimu Afrika.
UNgqongqoshe Wezemidlalo, Ezobuciko NamaSiko, uGayton McKenzie, unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqoke labo baculi nabadali bemisebenzi yobuciko abenze umehluko emiphakathini.
“INingizimu Afrika igcwele abantu abanamakhono amangalisayo, kodwa lawo makhono awakwazi ukuhlonishwa uma kungekho muntu obaqokayo. Ningacabangi ukuthi kukhona omunye ozokwenza lokho. Uma wazi umculi, umdlali wasesiteji, umbhali, umenzi wamafilimu noma omunye osebenza emkhakheni wezamasiko owenze umehluko, mqoke namuhla,” kusho uMcKenzie.
IPhini likaNgqongqoshe, uPeace Mabe, nalo likhuthaze bonke abasebenza emkhakheni wezobuciko namasiko ukuthi babambe iqhaza kulolu hlelo.
“Imiklomelo Kazwelonke Yezobuciko NamaSiko ingeyawo wonke umkhakha wobuciko. Sikhuthaza abantu ngabanye, imiphakathi, izikhungo kanye nabaholi bemboni ukuthi baqoke labo umsebenzi wabo ogcina amagugu ethu ephila, uguqula izimpilo futhi uqinisa ikusasa lamasiko aseNingizimu Afrika,” kusho uMabe.
Zonke iziphakamiso kufanele zithunyelwe nge-NACA Digital Portal esemthethweni kungakedluli ihora lika-23:59 mhla ziyi-19 Julayi 2026. Izicelo ezizofika ngemuva komnqamulajuqu ngeke zamukelwe.
Imigomo yokuqoka, izigaba zemiklomelo kanye nezidingo zokufaneleka ziyatholakala kule ngosi esemthethweni ye-NACA.
Umcimbi wokuklomelisa uzoba mhla zingama-21 Agasti 2026.-Umthombo: SAnews.gov.za

