SIBUSISO MAMBA
Isitobha seqembu lesizwe labesifazane (IBanyana Banyana ) u Janine van Wyk osewabeka ethala amakhokho uphule irekhodi lenkakha yase Egypt
u-Ahmed Hassan eyalibeke ngo 2012 . Lentokazi esemkantshubovu isethi khumu ebholeni ngemuva kwemidlalo engu 185 eqenjini lesizwe okuyirekhodi elisha lomdlali wase Africa
IBanyana ibhaxabule i-Burkina Faso ngesonto elidlule yazibekela indawo
ku Wafcon ezobanjelwa e Morocco ngonyaka ozayo.

