Iqembu labesifazane le-Volleyball linqobe isicoco se-USSA Games okwesibili kulandelana

Isithombe: Iqembu labesifazane le-Volleyball lase-UKZN ligubha ukunqoba isicoco se-USSA Games okwesibili kulandelana.

SHEILA MHLONGO

  • Iqembu labesifazane le-Volleyball lase-UKZN linqobe isicoco se-USSA Games okwesibili kulandelana.
  • Umdlalo wamanqamu ububone abadlali abathathu abasafufusa bedlala okokuqala kowamanqamu.
  • Abanye abadlali abathathu beqembu lase-UKZN bakhethwe ukuba bamele iqembu lesizwe.

Iqembu labesifazane le-Volleyball laseNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) seliphinde laziveza njengompetha ngemuva kokunqoba indondo yegolide emidlalweni ye-University Sports South Africa (USSA) Games, liqinisa ubukhosi balo ngokuwina lesi sicoco okwesibili kulandelana ngemuva kokusinqoba nango-2025.

Leli qembu elingompetha amahlandla amabili livikele ngempumelelo isicoco salo ngokuhlula i-Durban University of Technology kowamanqamu, lapho abadlali abathathu abasafufusa bedlale khona okokuqala emdlalweni wamanqamu.

Labo badlali abasafufusa nguNksz Anele Masondo, uNksz Hannah Enoch kanye noNksz Sreya Rajagopal.

Umqeqeshi Omkhulu, uMnu Marcellino Harold, uthe amalungiselelo alo nyaka ayehluke kakhulu kunawango-2025.

“Ngonyaka odlule besineqembu elalinabadlali abaningi abanolwazi, abaningi babo asebephothule izifundo futhi sebeshiyile eNyuvesi. Kulo nyaka samukele abadlali abaningi abenza unyaka wokuqala, okwenze saba neqembu elihlanganisa abadlali abanolwazi nabasanda kuqala. Kwadingeka sakhe ukuzethemba kubadlali abasha futhi sibasize bakholwe ukuthi bangakwazi ukunqoba lo mqhudelwano, okuyikho okwaba yinto enkulu esasigxile kuyo ngesikhathi sokuqeqesha,” kusho uHarold.

UHarold uthe ukunqoba lo mqhudelwano okwesibili kulandelana kube yinto ebathinte kakhulu emoyeni futhi ebanelisa kakhulu njengoba bekudingeka bathole ibhalansi efanele ukuze iqembu lisebenzisane kahle.

Nakuba aziwa njengomqeqeshi oqinile, uHarold unconywe ngamakaputeni ahlanganyele eqembu, uNksz Busisiwe Maposa noNksz Selina Naidoo, ngobuntu bakhe obuqondayo, ukukholwa kwakhe eqenjini kanye nendlela yakhe evelele yokuqeqesha.

UMaposa, osebe ngukaputeni iminyaka emithathu, uthe ukuqeqeshwa kulo nyaka bekunzima kakhulu ikakhulukazi kubadlali abadala, njengoba iqembu lidlale imidlalo eyisithupha ukuze lifanelekele i-USSA Games, ngesikhathi futhi liqeqesha futhi liqondisa abadlali abasafufusa.

Ephawula ngokunqoba kwabo uthe: “Sisebenze kanzima, senza konke okusemandleni ethu, futhi sajabulela uhambo lwethu. Umoya wobumbano eqenjini yiwona osenze sanqoba!”

Abafundi abathathu bakhethwe ukuba bamele iqembu lesizwe. Labo nguNksz Bontle Finger, uNksz Vishaya Naidoo kanye noNksz Jadene Moodley.

Ngaphezu kwalokho, abafundi base-UKZN bathole imiklomelo emithathu ekhethekile:

  • UNksz Busisiwe Maposa uqokwe njengo Best Attacker.
  • UNksz Vishaya Naidoo waklonyeliswa ngomklomelo we Best Blocker.
  • UNksz Jadene Moodley waqokwa njenge Best Libero.

UHarold uthe nakuba iqembu selithatha ikhefu elifanele ngemuva kwale mpumelelo, selibheke ngabomvu ukuqala amalungiselelo omqhudelwano weTongaat Opens ozokuba ngasekupheleni kukaJulayi, bese lilungiselela neNational Club Championships.

Uphinde wancoma amakaputeni ahlanganyele, uMaposa noNaidoo, ngokuhola iqembu lanqoba okwesibili kulandelana nokuba nesandla ekuqondiseni nasekukhuliseni abadlali abasafufusa.

Encoma iqembu ngokwenza kahle ezingeni likazwelonke, uMqondisi Omkhulu woPhiko lweCorporate Relations e-UKZN, uDkt Normah Zondo, uthe iNyuvesi iziqhenya kakhulu ngalokho elikuzuzile.“Ukuthi iqembu lethu labesifazane liwine isicoco se-USSA okwesibili kulandelana kuyimpumelelo enkulu kakhulu. Lokhu kukhombisa ukuzinikela kwabo, ukubekezela kanye nesiko lokwenza kahle eliyingxenye ye-UKZN. Ezemidlalo ziyingxenye ebalulekile yokuzibophezela kweNyuvesi ekukhuliseni abafundi abaphelele, kanti impumelelo efana nalena ikhombisa ukuthi ithalente lingafinyelela kude uma linakekelwa futhi lisekelwa. Siziqhenya kakhulu nangabafundi abathathu abakhethwe ukuba bamele iqembu lesizwe futhi siyabahalalisela ngalokhu kuhlonishwa okubafanele.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *