
Enye yama-Water Tankers asetshenziswa uma kunezinkinga zokuphakelwa kwmanzi
IDolobha lifisa ukuhoxisa izingxenye zesitatimende salo sangaphambilini esasikhishwe mayelana nokutholwe uMcwaningi-Mabhuku Jikelele kwinkontileka yangaphambilini eyayisetshenziswa nguMasipala ukuqoka abasebenza ngamapayipi amanzi.
IDolobha lifisa ukucacisa ukuthi inkontileka yangaphambilini yokulungiswa kwamapayipi amanzi yayingahambisani noMgomo kaMasipala Wokuphathwa Kokuthengwa Kwempahla Nezidingo. Ngemuva kwalokho, uMasipala waqala uhlelo olusha lokuthengwa kwezinsizakalo, okwathi ngalo wethula indlela ebuyekeziwe yokwenza izinkontileka zezinsizakalo zamapayipi amanzi, kusetshenziswa i-Contractor Infrastructure Panel (CIP) yeDolobha.
Le ndlela iqinisekisa ukuthi izinsizakalo zokulungiswa kwamapayipi amanzi ziyathengwa futhi ziphathwe ngokuhambisana nezidingo ezisebenzayo zokuphathwa kokuthengwa kwempahla nezinsizakalo.
Ngesikhathi salolu shintsho, abanye osonkontileka baluphonsela inselelo lolu hlelo enkantolo, befuna ukumisa ukuqaliswa kwale ndlela entsha yokwenza izinkontileka.
Ngemuva kwalokho, iDolobha lethula izinhlelo zesikhashana ngaphansi kwenkontileka egunyaziwe yokuphatha i-CIP, ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukuhlinzekwa kwezinsizakalo kuyaqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka.
Nokho, abanye ababengosonkontileka bazwakalise ukungeneliseki ngalolu hlelo, begcizelela ukuthi bafuna ukwenza izinkontileka ngqo neDolobha njengabantu ngabanye, kunokuba basebenze njengosonkontileka abangaphansi kosonkontileka abakhulu abaqokelwe ukuphatha.
Njengamanje, ingxabano igxile kakhulu ekuqalisweni kwale ndlela entsha yokwenza izinkontileka.
Osonkontileka abangaphansi manje basebenza ngaphansi kosonkontileka abakhulu abaqokwe ngohlelo lwe-CIP. Osonkontileka abakhulu bathola imali yokuphatha engamaphesenti ayi-15, ngokuhambisana namanani agunyazwe yiKomidi LeDolobha Lokugunyaza Amathenda (Bid Adjudication Committee – BAC).

