
Abantwana bakwezinye zezikole ezianjelwe ngesikhathi kuqhutshwa loluhlelo lwe Premier Cup
UMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natal (KZN DSAC), ngokubambisana namaqembu ayisithupha abambe iqhaza kwiPremier’s Cup 2026, kusukela ngoLwesithathu lomhlaka 22 Julayi wethula uhlelo lwezinsuku ezintathu lokutshala imali emphakathini (Corporate Social Investment – CSI), obekuhloswe ngalo ukuqinisa ezemidlalo emazingeni aphansi ngaphambi kwalo mqhudelwano.
IPremier’s Cup 2026 izobanjwa mhla zingama-25 kuya zingama-26 kuJulayi 2026 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, nasePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Lo mqhudelwano awugcini nje ngokukhombisa ibhola lezinyawo elisezingeni eliphezulu, kodwa ubuye ube yinkundla yokuthuthukisa imiphakathi nokugqugquzela isizukulwane esilandelayo sabasubathi.
Njengengxenye yalolu hlelo lwe-CSI, izikole eziyisithupha eThekwini zizothola imifaniswano ephelele yebhola lezinyawo ne-netball, izingubo zokuziqeqesha kanye nezinsiza zemidlalo ukuze kwesekwe ukuthuthukiswa kwezemidlalo ezikoleni.
Usuku lokuqala luqale namhlanje ekuseni lapho iRichards Bay FC inikezela ngemifaniswano kubafundi baseChristiansburg Primary School, eClermont, eduze kwasePinetown.
Namhlanje ntambama, AmaZulu FC izoqhubekisela lolu hlelo eNhlakanipho High School, KwaMashu, lapho izokwenza khona umnikelo ofanayo, iphinde ibe nesikhathi sokugqugquzela abafundi ngokubaluleka kokuzithiba, ukusebenzisana kanye nokulinganisa ezemidlalo nezifundo.
Izikhulu eziphezulu zoMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal nazo zibambe iqhaza kulolu hlelo, zathembisa ukuleseka ngokugcwele. Zigcizelele ukuthi izinhlelo ezifana nalezi zithuthukisa abafundi ngokuphelele futhi zibe nomthelela omuhle enhlalakahleni yabo. UMnyango uphinde waveza ukuthi ezemidlalo zakha ukuzithiba, ukusebenzisana nokubekezela—amakhono angagcini enkundleni kuphela kodwa abonakale nasekilasini.
Lolu hlelo luphinde lwaqubekela ezikoleni eMthethweni High School, KwaMashu, eNqabakazulu High School, KwaMashu kanye nasendaweni yase-Tholamandla Primary School, endaweni yaseKwaMashu/Inanda.

