WONDER NGCOBO
Inhlangano ebhekele ukuphehlwa kwamandla kagesi kuleli okuyi (National Energy Regulator of South Africa) inikeze u Eskom imvume yokunyusa intengo kagesi esibuyekeziwe kunalokho abakucelile.
U-ESKOM nyakenye wafaka isicelo sokukhuphula intengo kagesi ngo 36% eminyakeni emithathu ezayo kusuka kulonyaka ka-2025. uSihlalo weNERSA uThembani Bukula umemezele isinqumo sabo ngenkathi kunesithangami ebesibanjwe ngohlelo lwezobuchwepheshe ngoLwesine mhlaka 30 ku January. Onyakeni wezimali ka-2025/26, lenhlangano ikhiphe isamba semali engango R384 Billion olinganiselwa ku 12,7%. Inhlangano uEskom iphinde yafaka isicelo sokunyusa ngo 11,9% ngonyaka olandelayo, wagcina ngokucela ukufaka u 9,1 wonyaka wokugcina okuyokuba ngunyaka ka-2027
Lokhu kuza emva kokuthi ibhange- ngodla kuleli lihlela ukunciphisa intengo yentela yamabhange ngo 25 Basis points. i-Reserve Bank imemezele ukuthi izokwehlisa intela ngo 25 basis points, Lokhu kudalwe ukwehla kwentengo ngendlela emangalisayo nokubukeka kuzokuba khona kuze kube yi second term yonyaka. Ukwehla kwentengo kube ngu 3% ngo December, kusuka ku 2,9% wango November, nawo omncane kakhulu kunesilinganiso esibekwe yi Reserve Bank sika 3 kuya ku 6%. I Reserve Bank seyehlise intela kabili onyakeni owedlule uwodwa nje lokho okuletha ukuphefumula kubakhokhi bentela abacwile ezikweletini.
Khona manjalo uEskom usethembise abahlali bakuleli ukuthi ukucishwa kukagesi okuqale ngempelasonto yokuphela kwenyanga akuzokuba nesikhathi eside kukhona kodwa yinto nje yesikhashana ezodlula maduze. lesimemezelo senziwe ngu Eskom ngoLwesihlanu mhlaka 31 January, emva kwezinyanga ezingu 10 kungasaziwa ukuhamba kukagesi kuleli kodwa okhulumela inhlangano ehlinzeka ugesi uEskom u Dephney Mokwena uthembisile ukuthi kuzokuba yisimo sesikhashana ubukhona bale loadshedding njengoba bephezu kohlelo loku vikela amandla kagesi. ukucishwa kukagesi kwesigaba sesine kulindeleke ukuthi kube khona ngempelasonto kuphela njengoba uMokwena efakazile ukuthi ukuhamba kukagesi kuleli sekwaba ngumlando wathi uyazethemba izinhlelo zokuthuthukisa ukuhlinzekwa kuka gesi eziqhubekayo kumanje kuleli. Lezindaba zivele emva kwesikhashana nje uEskom enikwe igunya lokwenyusa intengo kagesi kulonyaka ngo 12,7%, Okuzophinde kukhuphuke futhi ngonyaka olandelayo. Lezindaba zokunyuka kwentengo kagesi azehlanga kahle kubahlali baseNingizim Africa ikakhulukazi kulabo abangathathi ntweni abakhale ngokuthi kumanje izindleko zikagesi zimba eqolo njengoba kukhokhwa imali enkulu kodwa uEskom abahlinzeke ngama unity amancane lokhu okwenza bangapheli ezitolo ukuyothenga ugesi kodwa imali yomholo ayinyuki ime ndawonye.
Isakhamuzi esingu Mfundisi Mhlengi Shozi uthi kuyazwela kubantu njengoba ukunyuka kuka gesi kungezugcina lapho kodwa kuholela ekunyukeni kuka petrol, izithuthi zomphakathi, ukudla nokunye okuningi ngenkathi izwe laseNingizimu Africa lisehluleka ukudala amathuba omsebenzi njengoba iningi labantu kuleli bephila ngemali yesibonelelo sikaHulumeni naso esingenzi mehluko emindenini engenamuntu osebenzayo.

