SHEILA MHLONGO
UNdunankulu-waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube-Ncube usedlulise amazwi enduduzo kudlula emhlabeni umzukulu kalowo owabe enguMengameli wakuleli wokuqala wentando yeningi uMnu Nelson Mandela ekanye noNkk Winnie Madikizela -Mandela bobabili abangasekho emhlabeni.
UZoleka Mandela (43) udlule emhlabeni emva kokugula isikhathi eside ngenxa yesifo somdlavuza, kanti udlule kusihlwa ngoMsombuluko womhlaka 25 Septhemba 2023.
Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba sivela ehhovisi likaNdunankulu uDube sithi ukwedlula emhlabeni kukaZoleka kuqondene nesikhathi lapho kuqanjwa kabusha umgwaqo oseSandton iWilliam Nicol Drive ngokuthi Winnie Mandela Drive, okwenzeke ngomhlaka 26 Septhemba 2023.
Esitatimendeni uDube-Ncube uzwakalise ukuthi uZoleka ubengowesifazane onesibindi futhi ekuthanda ukukhuluma aqwashise ngesifo somdlavuza ngendlela yokuthi ubethathe izinhliziyo zabantu abaningi ngenxa yokungesabi ukukhuluma akhululeke ngendlela umdlavuza obumphethe ngayo, wathi uZoleka uyohlale ekhumbuleka.
“UZoleka Mandela wabe eyiqhawe njengoba kwathi esemncane wabhekana nokulwa nokuhlukunyezwa kwaze kwathi esekhulile wabhekana nokulwa nomdlavuza kangangokuba wathatha izinhliziyo zabantu abaningi, uZoleka ubengumama onothando ezinganeni zakhe kanti uyokhunjulwa abantu abaningi abamaziyo”. Kusho uDube-Ncube.
Egameni labantu baKwaZulu-Natali, uNdunankulu uDube-Ncube ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini kaMandela ngokushiywa indodakazi kanye nomzukulu wawo uZoleka.
“UZoleka ubeyisibonelo esihle kithi sonke siyohlale simkhumbula kanti umlando wakhe uyosala ubonakala emsebenzini oqhubekayo wokwenza ngcono izimpilo zeziguli eziphila nesifo somdlavuza eNingizimu Afrika”. Kusho uNdunankulu uDube-Ncube.
UNdunankulu uDube-Ncube ube esenxusa abantu abahlaselwe isifo somdlavuza ukuthi baphuthume bafune usizo kusenesikhathi, ukuze bathole usizo lokwelashwa ngokushesha.Wathi bonke abantu abaphethwe umdlavuza kumele bazi ukuthi lukhona usizo eduzane futhi bangabi namahloni ukuphumela obala.


