SHEILA MHLONGO
Amathimba ezinhlaka ezahlukene zikaMasipala weTheku asanda kuba nomkhankaso wasebusuku lapho egasele khona izakhiwo eziyinkinga enkabeni yeDolobha.Ngokombiko ocashunwe ekhasini lika Facebook loMkhandlu weTheku, uthi lokhu kuhambisana nohlelo i-Operation Good Hope okuhloswe ngalo ukukhuculula iTheku.
Lo mkhankaso ubuqhutshwa ngamaphoyisa, i-ITrump nabasebenzi bakaMasipala. Ukugasela kulezi zakhiwo zalolu hlobo kusiza ekunqandeni izenzo ezingekho emthethweni okubalwa kuzona ubugebengu, ukuxhuma ngokungemthetho izidingo zikaMasipala kanye nokuboshwa kwabokufika abangenazo izincwadi.
Ephawula omunye wabalandeli bekhasi likaFacebook uthe uMasipala weTheku ukwenza lokhu kukhuculula ngoba ubonela kuMkhandlu waseGoli, kodwa wancoma ukuthi kuhle impela uqhutshwe lomkhankaso ngoba.
“Ake niqhubeke impela sikhathele ilemgulukudu engcolisa iTheku ngoba sekuyanuka phu ngenxa yokungcola”. Kusho umlandeli wekhasi uMzukulu kaMvelase.
UZiphendulela uMkhandlu uthe. “ Noma singeke sakubanga ukuthi ubani oqale ini, nini ngoba kwenzenjani. Kodwa esikwaziyo nokuyiqiniso ukuthi la eThekwini asiqalanga namhlanje futhi asimile. Uma lelikhasi ulilandela ubuyela emuva kude le lizofakaza ukuthi sibadala kulento”.

