OWAMI THABETHE
UTebogo Pitiri owaziwa ngelika Sputla wase Mount Fletcher e Eastern Cape, kepha uzinze eGoli eMidrad uthanda umculo wesintu ikakhulukazi I Famo Maskandi. Uqale uthando lomculo ngonyaka wama 80s, okuyilapho waqala khona ukucula naye wasungula iqembu lakhe ngo 2023 elibizwa nge Metjo oa Mabenyeng.
Iqembu lakhe like lahlabana nezindondo eziningi kuma Inima Awards ngemuva kokukhipha CD yabo yokuqala ebizwa ngokuthi Motho oa Mabenyeng.Le CD seyiwine indondo ye Kumaqhawenentaba Music Awards, waphinde wathola indondo ye Best new comer kuma KZN Namuhla Artists Awards.Uthe akaluthokozela kakhulu uxhaso emiphakathini njengoba esangumculi osafika kule ndima.
Uphinde wagqugquzela abantu abasha ukuba balandele amaphupho abo bangawalahli namasiko abo.Njengoba kuqala inyanga kaDisemba ozokwenza umcimbi e hholo lomphakathi labo ezoqoqa khona bonke abantu abasha.Umculo wakhe uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana (Motho oa Mabenyeng), ku Facebooku Sputla naku whatsapp 072 9489768.

