OWAMI THABETHE
UMzikayise “ Mzitch” Ndlovu odabuka endaweni yase Kranskop, phakathi kweGreytown neStanger. Ufunde esikoleni i-Bangumuzi CP, Kranskop Primary School,, isikole samabanga aphansi iSbanisethu kanye nonyaka iTshutshutshu High School.Lensizwa ikhule inamaphupho amaningi njengokuba umsakazi , iphoyisa, umlingisi, umfundisi, umbhali wezingoma, umshuthi njalo njalo.
Eneminyaka engu-21 wajoyina umsakazo we-Christian Khwezi fm ngo-2008 njengombhali wezincwadi zomsakazo, umhleli wemibhalo yomsakazo kanye nomdidiyeli wemidlalo yeshashalazi, umdidiyeli wezobuchwepheshe, umethuli wezemidlalo emsakazweni, umsakazi oqhubekayo “Breakfast show, midday show, and drive odlala ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Uqale ukulingisa emsakazweni iKhwezi kusukela ngo-2008.
Ukhiqize imidlalo yomsakazo iKhwezi engaphezu kuka-90 okuhlanganisa nokulingisa kuleyo midlalo yomsakazo.Imiklomelo ayingxenye yokuyikhiqiza yile:
2012 MTN South Africa
Indondo yedrama ehamba phambili
2015 Idrama
Uphumelele kabili kuma-SA Radio Awards ka-2022 nango-2023.
Ngo-2012 wajoyina uKhozi fm njengomlingisi womsakazo kuze kube manje.UMzitch unenhlangano yakhe ebizwa ngokuthi I Mzikayise Ndlovu Foundation.I-MNFoundation yinhlangano engenzi nzuzo eyasungulwa ngo-2018 enegama elithi Mzikayise Ndlovu. Umgomo wayo ukusiza abafundi abahlala ezindaweni zasemakhaya ngokuhlinzeka ngemfundo namakhono. Ukwengeza, baba nomcimbi waminyaka yonke wokugubha impumelelo yezikole nothisha abasezingeni eliphezulu.

