Izindawo ezigcwele abantu bangaphandle zizoqashwa ngawokhozi ngamaholidi
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu. Bheki Cele, uthi izindawo ezinabantu bangaphandle abangenazo izincwadi izona ezigcwele ubugebengu, ngisho nangaphandle kwamaholidi kaKhisimusi.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu. Bheki Cele, uthi izindawo ezinabantu bangaphandle abangenazo izincwadi izona ezigcwele ubugebengu, ngisho nangaphandle kwamaholidi kaKhisimusi.
Ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane akumele engabe kuyenzeka ngoba into engalungile futhi enomthelela omubi njengoba abanye sike sizwe ukuthi bagcina bedlwengulwa, abanye bashaywe balimale ngendlela embi kodwa akugcini njelapho kuphela abanye bagcina ngokulahlekelwa izimpilo zabo okuyinto ekhombisa udlame ezweni.
Ukuhlukunyezwa kwabesifazane kunomthelela omubi emndenini,emphakathini kanti kugcina kuphazamisa izingane ngokwempilo. Ziphazamiseka nasenqondweni zigcine zingasakwazi nokufunda kahle esikoleni
Ngokombono wami into eyosiza kulenkinga yokuhlukemezeka kwabantu besifazane okuhambisana nodlame, ukuthi umuntu uma ebanjiwe ehlukumeza noma ngaluphi uhlobo avele aboshwe udilikajele, ngoba into eyenzekayo ukuthi umuntu aboshwe aphume abuye azoqhubeka lapho egcine khona.
Into engasiza kulenkinga yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ukuthi uma uHulumeni engaqinisa isigwebo, noma kube esokudilikelwa yijele kubahlukumezi.
Kusukela ngoLwesihlanu lomhlaka 25 Novemba kuze kuyoshaya umhlaka 10 Disemba izwe laseNingizimu kanye nomhlaba wonke liqalise ukuqhuba umkhankaso waminyaka yonke wokulwisana nesihlava esibi sezenzo zodlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane. Futhi okubuhlungu ukuthi lomkhuba omubi kangaka ubukeka wanda kakhulu ikakhulukazi lapha ezweni lethu.
ABAKWA-ENGEN Community Computer School basiza ngamakhono ezeComputer ukuze intsha ithole amathuba angcono okuqashwa, isihlanganise abafundi abawu-70 bonke abahlali base-South Durban baneziqu zabo eziyisisekelo ezikhulisa amathuba abo okuthola imisebenzi.
UMNOTHO wasemalokishini aseNingizimu Afrika ilinganiselwa kuR100 billion imali ongase uyifake emkhiqizweni wezwe. Njengengxenye yokuzibophezela kwe-Nedbank ekwesekeni ukukhula okuqhubekayo kwalo mkhakha wezomnotho obalulekile ibhange lizosebenza ngokuhlanganyela neTownship Entrepreneurship Alliance (TEA) ukusiza ukukhuthaza ukuthuthukiswa kosomabhizinisi emalokishini.
UMNYANGO weZemfundo KwaZulu-Natal usuthathe izinyathelo zokuphepha ezengeziwe ukuqinisekisa ukuphepha kwamaphepha ka-Matric alo nyaka kanye nokuqinisekisa ukuthi awaputshuki. Lokhu kuvezwe yiphini likangqongqoshe weZemfundo uDkt Reginah Mhaule ngesikhathi enesithangami nabezindaba esikoleni Ogwini Comprehensive High, eMlazi kade kuqala ukubhala kwabafundi.
I-KZN Liquor Authority isimise iliyisensi ye-Artizen Lounge yakwaMashu okwesikhashana kulandela ukunxusa abanikazi balendawo ukuthi abagweme ukubeka inzuzo eqhulwini eholela ekutheni kulimale ukuphepha kwabathengi babo.