IMajuba ingompetha bamaGolden Games esifundeni saKwaZulu-Natali
IMAJUBA ibengompetha abasha besifundazwe beGolden Games kulandela ukumangaza izimbangi zabo ngokudla umhlanganiso kaningi, iLembe lilale isibili kwathi iTheku lalala isithathu.
IMAJUBA ibengompetha abasha besifundazwe beGolden Games kulandela ukumangaza izimbangi zabo ngokudla umhlanganiso kaningi, iLembe lilale isibili kwathi iTheku lalala isithathu.
UKHAYELIHLE Nhlangulela (28) waseThekwini, eMlazi kodwa oseCape Town ngokokuhlala ungene endimeni yezomculo ngonyaka ka2006 lapho aqala khona ukubhala umculo we-Hip-hop, Ragae kanye nePop.
U-AVELA Zulu (24) odabuka e-Eastern Cape, kodwa oseThekwini eNdwedwe ngokokuhlala, ungene endimeni yezomculo kamaskandi ngonyaka ka2015 ngestage name sikaGadizwe.
UDUMEZWENI Zulu (26) odabuka Eshowe endaweni yakwaKhoza kodwa otholakala eThekwini, eNanda ngokokuhlala ungene endimeni yomculo kamaskandi ngonyaka ka2018 odume ngegama lakhe elithi Dumezweni.
I-COMRADES Marathon izobuyela osukwini olujwayelekile okuyiSonto ngonyaka ozayo kulandela ukuthi iKwaZulu-Natal Athletics ngoLwesibili oludlule igunyaze usuku lwangomhlaka 11Juni 2023 njengosuku lapho lomjaho we-ultramarathon wesi-96 waminyaka yonke futhi omkhulukazi kunayo yonke uzoba ngalolusuku.
Ayanda Ntombela ISundowns ibhudluze iOrlando Pirates ebesisele nabadlali abawu 10 ngamagoli amane eqandeni. Amasandawana aqhwakele kwi log yepremier soccer league…
SELIGCWALE umoya ibhantshi kumqeqeshi weMaritzburg United uMaduka, lokhu kuqinisekiswe ilona iqembu ukuthi alisahlanganise lutho noJohn Maduka kanti iqembu liphinde lathatha isinqumo sokunqamula zonke izinkontileka ebezibahlanganisile nethimba lobuchwepheshe likaMaduka kulandela ukungenzi kahle isikhathi eside.
UNAMAPHUPHO amakhulu ngomsebenzi wakhe wezandla uNtembeko Nonjiko oyiciko elingumbumbi nombazi wakwa Ndengezi, ngase Pinetown.
UNGQONGQOSHE wamaphoyisa uMnu. Bheki Cele usenikeze abomthetho umlayelo ukuba bavale zonke izindawo zokucisha ukoma ezingekho emthethweni. Ekhuluma emcimbini wokwethulwa komkhankaso wokuphepha kwamaholide kaKhisimusi, uCele uveze ukuthi imiphakathi isakhungathekile ngenxa yezigameko eziningi ezibulale abantu kulonyaka ezenzeke ezindaweni zokuzithokozisa okanye emashibhini.
INJABULO kaKhisimuzi isisondele kwizakhamuzi zasoThongathi, eThekwini emuva kokuphela komsebenzi wokwakhiwa kwesiphehli samanzi esacekeleka phansi ngesikhathi sezikhukhula ngo-Ephreli kulonyaka.