UMBONO KA LONDIWE LORNA BUTHELEZI MAYELANA NOKUHLUKUNYEZWA KWABANTU BESIFAZANE

Ngokombono wami  into eyosiza kulenkinga yokuhlukemezeka kwabantu besifazane okuhambisana nodlame, ukuthi umuntu uma ebanjiwe ehlukumeza noma ngaluphi uhlobo avele aboshwe udilikajele, ngoba  into  eyenzekayo ukuthi umuntu aboshwe aphume abuye azoqhubeka lapho egcine khona.

Nokunye engibona kungaba isixazululo kulento ukuthi abantu bengahlali ndawonye bengashadile ngoba yikho lokhu okudala ezinye izinkinga, abantu bahlale bagcine sebengahloniphani ebese eveza amandlakhe owesilisa, ashaye owesifazane lapho izingane ziyabuka sekuyikho njalo ukuhlukumezeka kanti uma ningahlali ndawonye asikho isikhathi sokuxabana nokulwa okuhambisana nodlame lokuhlukumeza.