UNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uMnu Senzo Mchunu, usenxuse uhulumeni wesiFundazwe nowasekhaya KwaZulu-Natal, uMngeni Water kanye nezinkampani ezizimele ukuthi basebenzisane ukuqinisekisa ukuvikeleka kwamanzi esiFundazweni.
UNgqongqoshe uMchunu ubekhuluma ngesikhathi kunomcimbi wokugunyazwa kabusha komsele nedamu obuseDurban Heights’ uMngeni Water Treatment Works kuMasipala weTheku. UMchunu ubehambisana nethimba likahulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natal eliholwa nguNdunankulu uNomusa Dube-Ncube, iMeya yeTheku uMxolisi Kaunda kanye nethimba laManzi eMngeni, lokhu kuxoxisana kulandela umhlangano owawungoZibandlela wonyaka odlule, lapho kwasungulwa ithimba lezinhlaka ezehlukene elizobhekana nezinkinga zokuhlinzekwa kwamanzi kuMasipala weTheku nakwezinye iziFundazwe.
Mayelana nengqalasizinda eseyakhandwa kabusha, uNgqongqoshe uzwakalise ukweneliseka ngoMngeni Water ngokuphothula ukulungiswa komsele woku-1 ngesikhathi, osuzobuyisela amanzi aphuzwayo afinyelela ku-350 ml/d kubahlali baseDurban North namaphethelo, ukuncipha kwamanzi kusukela ngezikhukhula zangonyaka odlule kanye nokulungiswa kabusha okwalandela.
“Ngithanda ukudlulisa ukubonga kwami eMngeni ngomsebenzi owenziwe kahle, umhume wokuqala usulungisiwe ngokugcwele, futhi siyakuthokozela ukuwusebenzisa,”
UNkk Dube-Ncube uzwakalise ukubonga emaqenjini asebenze ukulungisa lolu hlelo eholwa uMngeni Water ngaphansi kobuholi boMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle ngokusebenza ngokuzikhandla ukuze lolu suku lube yimpumelelo.
“Sinxusa izakhamuzi, izimboni nosomabhizinisi ukuthi babambe iqhaza ngokukhokhela ukuhlinzekwa kwamanzi ukuze sikwazi ukunakekela nokwandisa ingqalasizinda yethu yamanzi silungise izindawo ezivuzayo ezindlini zethu sibike nalezo ezidinga ukuhanjelwa umasipala, songe futhi siwasebenzise ngokuwonga, siqonde ukuthi amanzi awumthombo obalulekile kodwa oyindlala,” kusho uNkk Dube-Ncube.

