UThobe Magubane owenza izinkondlo zokholo ufisa ukumenywa emcimbini

SHEILA MHLONGO

UThobeka Magubane (35) odume ngelika  Dr Thobeh ongumhayi wezinkondlo zokholo (Gospel poems)

uzalelwe Enquthu endaweni yaseSgubudu , wakhulela khona , ngokuhlala useDundee.

UThobeka uthi uqale ukungena endimeni yokuhaya izinkondlo ngo 2010, waze wakhipha icwecwe lokuqala  ngo 2022 March, igama lalo IZIBONGO ZOMDALA WEZINSUKU.  

Lentokazi ithi ifisa ukwazisa abalandeli bayo ukuthi kumele balindele iVideo ye Album yakhe maduze nje ngonyaka ozayo,nokuthi useke wabonakala ku 1KZN ngayo le Ulbum. Uphinde akhuthaze futhi ku Radio 4000 njalo ngeSonto ngo 8h00 ekseni ,nango Lwesine ngo 6h00 kuya ku 9h00ebsuku

Uthi ufisa ukuxhaswa ngokuthi kuthengwe umsebenzi wakhe ezitolo zomculo, nokuthi  amenywe nasemcimbini ukuze ezonandisa athole imali.

“Ngifisa futhi ukuxhaswa inoma iyiphi inkampani nge Teleprompter ukuze ngizisho kahle izinkondlo zami , nokuxhaswa ngemali yokwenza I Ulbum yesibili, nemali yokwenza I video engu R10 000, ngingalujabulela loluxhaso ukuze ungaphazamiseki lomsebenzi kaNkulunkulu wokunikeza ithemba  kwabayethileyo”.kusho  yena uThobeka.

Uyatholakala eDundee ku 0815527087,naku WhatsApp ngayo le number ku YouTube, Spotify , Amazon uDr Thobeh , Facebook Thobethepoet , Tiktok@drthobeh_poet , email drthobekilem@gmail.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *