Namuhla ngithi kuwe muntu wesifazane kwesinye isikhathi nizivalela amathuba niphinde nivalele nabanye ngezenzo zenu. Ukudelela leyondoda onayo ku relationship akuzogcina kuyo.
Kepha kuzodlulela nakwezayo, ukubhanqa amadoda , ukungakwazi ukuzehlisa nokubonga uma wenzelwe okuhle kuzodlulela nakwezayo relationship. Awucabange ngoba ngisho usuthole umuntu ozimisele ngawe. Angeke abone ikusasa kuwe kodwa uzobona umuntu okumele azichithele isikhathi nje naye. Ayikho indoda engamela ukuthukwa nokubizwa ngesilima , ayikho indoda engavumela ukubizwa ngesihluleki.
Inkinga ekhona ukuthi iningi lenu alikwazi ukwamukela lokho eliphiwa khona nokuthi lifunde ukuzehlisa , angisayiphathi ke eyenhlonipho. Ake ufunde ukutshelwa nokuboniswa ungaqinisi ikhanda uma uboniswa futhi ubokujabulela uma usanomuntu okubonisayo. Kulezizinsuku amadoda aseyazithulela nje alale nawe futhi ebe ebhizi elobola lomuntu oyilento edingakalayo kumuntu wesifazane.
Ake usilwele isithunzi sakho muntu wesifazane, awusilweli isithunzi sakho ngokuthi uhhehhemeze indoda , uthuke indoda kodwa usilwela ngezenzo ezinhle nayo indoda ize ishawe amahloni uma uyitshela okubi ekwenzayo.
Brian Smile The Motivational Speaker and a life coach

