UMkhwanazi wabelane ngohlelo lwezinyathelo ezintathu zokubhekana nobugebengu e-KZN

ZAMA MAJOLA

ULieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uKhomishana wamaPhoyisa esiFundazweni, wabelane ngohlelo oluyizinyathelo ezintathu okuhloswe ngalo ukunciphisa ubugebengu nokugcina imiphakathi iphephile. Isinyathelo sokuqala sithi: Makwehliswe ubugebengu,  amaphoyisa kumele asebenzele ukwehlisa izinga lobugebengu kodwa uMkhwanazi ube esewaxwayisa ngokuthi ukushaywa indiva kwamacala asemthethweni akwamukelekile.

Isinyathelo sesibili: Ukuziphendulela nokuhlola okuhlanzekile, zonke iziteshi zamaphoyisa kufanele zigcine ukucwaningwa kumabhuku kwezimali okuhlanzekile futhi ziziphendulele ngesenti ngalinye elitholiwe. Isinyathelo sesithathu: Ukwaneliseka komphakathi, amaphoyisa adingeka ukuthi abambe izikhathi zanyanga zonke zokuxoxisana nomphakathi futhi anikeze izibuyekezo ezijwayelekile mayelana nemizamo yamaphoyisa.

UNdunankulu uNtuli ugcizelele ukuthi osomabhizinisi kufanele basebenzisane nabomthetho besebenzisa ubuchwepheshe besimanje njengama-drones nama-CCTV ukunqanda ubugebengu. Uphinde waveza ukubaluleka kokubhekana nezindaba zomphakathi ezibanzi ukuze kwakhiwe imiphakathi ephephile. “Uma sisebenza ngokubambisana, singasishintsha lesi sifundazwe. Ukuxoxa ngobuqotho kuyisinyathelo sokuqala sokubhekana nezinselelo,” kusho uNtuli.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *