Kusaqhubeka ukuhlonishwa kukaMama uNandi Nyembe

ZAMA MAJOLA

UNgqongqoshe wezeMfundo, ezeMidlalo, ezobuCiko, amaSiko nokuNgcebeleka eGauteng uMatome Chiloane udlulise amazwi enduduzo kulandela ukudlula emhlabeni kwengqalabutho yaseNingizimu Afrika, uMama uNandi Nyembe, oshone ngoMgqibelo womhlaka 23 ku-Agasti.  Umsebenzi kaMama Nandi, othathe iminyaka engaphezu kwamashumi amahlanu, wengeze ngokucebile endimeni yamasiko esizwe ngeqhaza lakhe angeke alikhohlwe emidlalweni eminingi yethelevishini namafilimu alingisa kuyo okuhlanganisa iSibaya, Soul City, Zone 14, Yizo -Yizo, Joacob’s Cross kanye neYesterday nokunye.

Ngokusho kukaNgqongqoshe, uNyembe ubengaphezu nje komlingisikazi, ubengumlingisi, umeluleki onogqozi ezizukulwaneni zabasunguli abasha.”Siphatheke kabi kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaNkk Nandi wodumo. Uzinike isithunzi izindaba zabantu bakithi futhi wazithwala ngobuqotho nangomusa. Ngasekuqaleni kwalo nyaka, ukhulume ngokungananazi ngesifiso sakhe sokuqhubeka nokusebenza kunokudatshukelwa.  “Lokho kuzithoba namandla kwasithinta ngokujulile isizwe, kwasikhumbuza ukuqina kwamaciko ethu kanye nokubaluleka kokugubha amagalelo awo esekhona nathi.

Igama likaMama uNandi liyohlala likhona phakathi kwezingqalabutho ezakha ukuxoxa izindaba eNingizimu Afrika. Sikhalisana nomndeni wakwaNyembe, abangani kanye nomphakathi wonkana. Sengathi umphefumulo wakhe ungaphumula ngokuthula kwaphakade,” kusho uNgqongqoshe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *