UNgqongqoshe uButi Manamela ukhiphe isaziso senhloso yokukhansela ukubhaliswa kwamakolishiazimele

SHEILA MHLONGO

UNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nezoqeqesho, uMnu. Buti Manamela, usehlole zonke izethulo ezethulwe phambi kwakhe futhi wakhipha Isaziso Senhloso Yokukhansela ukubhaliswa kwezikhungo ezintathu zemfundo ephakeme ezizimele, okuyilezi: City Varsity (Pty) Ltd, Damelin (Pty) Ltd, ICESA City Campus (Pty) Ltd.

Lesi sinyathelo silandela umlando wokungahambisani nemithetho osekuthathe isikhathi eside, okuhlanganisa ukwephulwa koMthetho Wezemfundo Ephakeme (uMthetho No. 101 ka-1997) kanye neMithethonqubo Yokubhaliswa Kwezikhungo Zemfundo Ephakeme Ezizimele. Lesi sinqumo sithathwe ngenhloso yokuvikela abafundi nokugcina ubuqotho bomkhakha wemfundo ephakeme.

Izizathu Ezisemqoka Zalesi Sinqumo; UMnyango unesibopho sokuqinisekisa ukuthi izikhungo ezizimele zinikeza imfundo esezingeni eliphezulu futhi zibonisa ukuzinza kwezezimali. Isinqumo sokukhipha Isaziso Senhloso Yokukhansela sisekelwe kulezi zizathu ezibalulekile ezilandelayo:

1. Ukwehluleka ukuhambisa imibiko yonyaka egcwele ngokomthetho

a. Zonke lezi zikhungo ezintathu zahluleka ukuhambisa Imibiko Yonyaka ka-2024, yize:

  • kwanikwa isikhathi esengeziwe kwaze kwaba mhla zingu-30 kuJuni 2024 kanye
  • nomnqamulajuqu wokugcina wokulungisa owabekwa mhla -6 kuJuni 2025.

2. Ukwehluleka ukukhombisa ukuzinza kwezezimali nokusebenza

a. Lezi zikhungo azizange zinike uMabhalane (Registrar) amadokhumenti adingekayo, okuhlanganisa:

  • Izitatimende Zezimali Zonyaka ezihloliwe (Audited Annual Financial Statements);
  • Ubufakazi besiqinisekiso/isiqinisekiso sezezimali;
  • Izitifiketi Zokuhambisana Nentela ze-SARS;
  • Ukuhambisana Nemithetho Yezempilo Nokuphepha Emsebenzini (Occupational Health and Safety).

3. Ubufakazi bokuyeka ukusebenza kwezikhungo

UMnyango uthole  ulwazi oluqinisekisiwe   lokuthi izikhungo ezimbili, okuyi-City Varsity (Pty) Ltd kanye ne-ICESA City Campus (Pty) Ltd, seziyeke ukusebenza futhi ngaleyo ndlela azisahlinzeki ngemfundo ephakeme njengoba kuchaza uMthetho.

Izinyathelo Ezilandelayo

Isaziso Senhloso Yokukhansela sizoshicilelwa kuGazethi Kahulumeni ngokuhambisana noSigaba 63(a) soMthetho Wezemfundo Ephakeme.

Lezi zikhungo zizonikwa ithuba lokwenza izethulo noma izikhalo zazo, njengokulawulwa umthetho. UMnyango uzoqinisekisa ukuthi abafundi abathintekayo bayasekelwa ngezinhlelo ezifanele zemfundo nezokuphatha.

Ukuzibophezela Kubafundi Nasezingeni Lemfundo

UMnyango uqhubeka nokuzibophezela ngokuqinile kulokhu okulandelayo:

a. Ukuvikela abafundi ekubhalisweni ezikhungweni ezingakwazi ukukhombisa ukuzinza kwezezimali nokusebenza;
b. Ukuqinisekisa ukuthi abahlinzeki bemfundo ephakeme basebenza ngaphakathi kohlaka lomthetho kanye nezilinganiso zokuqinisekisa ikhwalithi;
c. Ukuthatha izinyathelo eziqinile zokugcina ubuqotho bohlelo lwezemfundo ephakeme lwaseNingizimu Afrika.

Izikhungo ezingakwazi ukuhlangabezana nezibopho zazo zomthetho nezemfundo ngeke zivunyelwe ukulimaza ikusasa labantu abazisebenzela.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *