Ihluleke yancama imizamo  ye-MKP yokukhipha uNtuli kwesokuba uNdunankulu waKwaZulu-Natali

SHEILA MHLONGO

Ihluleke yancama imizamo yamalunga esiShayamthetho saKwaZulu-Natali, ngaphansi kweqembu loMkhonto Wesizwe Party, ukukhipha uMhlonishwa Thamsanqa Ntuli esikhundleni sakhe sokuba uNdunankulu wesifundazwe. Lokhu kuza ngemuva kokuthi ngoMsombuluko womhlaka-15 Disemba 2025, kuhlale iPhalamende eliyisipesheli ukuze kuvotelwe ukungabethembi ubuholi buka Ntuli.

UMhlonishwa u-BC Mngadi onguSotswebhu weqembu le MKP wanikeza inothisi ngaphansi kwesigaba 141(2) yoMthethosisekelo kanye nesigaba 103, 105 no 106 somthetho olawula isiShayamthetho saKwaZulu-Natali , mayelana nenhloso yokwethula ivoti lokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu uNtuli.

Iqembu leMKP belikhala kakhulu ngokuthi uNtuli uhluleke wancama ukuhola isifundazwe saKwaZulu-Natali, ukungaphathwa kahle kwezimali ukwedukisa indlu yesiShayamthetho mayelana nohambo lwakhe lokuya eNew York , kanye nokwehluleka ukulungisa isimo sokwesweleka kwamathuba emisebenzi kanye nezinga lobuphofu lapha esifundazweni .

Ngaphambi kokuqhuba ivoti, amalunga esiShayamthetho, okubalwa IFP, ANC, DA, EFF, NFP, kanye neMKP asukume enza izethulo zawo zokuqalisa uhlelo lokuphakamisa ivoti lawo, nokube nokuphakama kwemimoya njengoba bekukhona nokungcofana ngamagama.

Okuphawulekile kulenkulumo mpikiswano phakathi kwamalunga esiShayamthetho ukuthi umholi we-EFF uzwakalise ukuthi uMhlonishwa uShinga ubengathi uzovotela ukukhishwa kukaNtuli kodwa kuthe uma yena uShinga esethula inkulumo yakhe waveza ukuthi  akahambisani nokukhishwa kukaNtuli.

Emva kokuba wonke amalunga eseqede izethulo zawo, uSomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natali uNontembeko Boyce, umemezele ukuthi kube nevoti elivulelekile nokuyilapho kusuke khona umsindo ngoba amalunga eMKP wona ezwakalise ukuthi kunomyalezo othunyelwe ngocingo  wokwesabisa labo abayovotela ukukhishwa kukaNtuli, obuhambisana nenhlamba kanye namazwi aqinile.

Amalunga angaphansi kweMKP azamile ukuncenga uSomlomo ukuthi ashintshe isinqumo sakhe kodwa yena washaya phansi ngonyawo wathi isinqumo sakhe singujuqu. “Yebo ngiyezwa ukuthi kunomyalezo wokusabisa kodwa wonke amalunga esiShayamthetho akwazile ukwethula izinkulumo zawo ngaphandle kokwesaba ngakho angisiboni isidingo sevoti eliyimfihlo. Kugcizelela uSomlomo uBoyce.

Ukungavunywa kwevoti eliyimfihlo ikhona okususe omkhulu umsindo ngaphakathi esiShayamthetho njengoba  amalunga e-MKP asukume abhikisha ngaphakathi endlini yesiShayamthetho ephikisa uhlelo lwevoti elivulelekile nokuphethe ngokuthi kungabe kusaqhutshekwa nevoti ngenxa yokuthi abe MKP  bephikisa isinqumo sika Somlomo nokuphethe ngokuthi aze akhishwe ngesidlozana  amaphoyisa ombutho weSAPS. Kanti uSomlomo ube esememezela ukuvala kokuhlala kwesiShayamthetho.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *