
Amalunga esiShayamthetho saKwaZulu-Natali eMgungundlovu
IsiShayamthetho saKwaZulu-Natal sesamukele isabelomali sesifundazwe sika-R168.2 billion sonyaka wezimali ka-2026/27, okuvula indlela yokuthuthukiswa kokulethwa kwezidingo, ukukhuliswa komnotho nokudalwa kwamathuba emisebenzi.
UNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, uFrancois Rodgers, ukwamukele ukuphasiswa kwalesi sabelomali, wakuchaza njengesigaba esibalulekile ohambweni lwesifundazwe lokusuka ekululameni siye ekuvuseleleni nasekuthuthukeni.
Isabelomali siveza ukuzibophezela kukahulumeni wesifundazwe ekuphathweni kahle kwezimali, ekuqinisweni kokuziphatha kwezezimali nasekuthuthukisweni okusimeme. Sihambisana noHlelo Lwesifundazwe Lokubuyisela Izimali Esimweni futhi sihlose ukuvikela izidingo ezibalulekile zomphakathi, sibe sakha nezimo ezivumela ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu.
Ngaphezu kuka-80% wezindleko zesifundazwe kwabelwe iminyango yezeMfundo, eyezeMpilo kanye nowezeNhlalakahle.
Kuphinde kwengezwa imali ezosiza ukubhekana nengcindezi yezimali eminyangweni yezeMfundo neyezeMpilo. Lokhu kubandakanya ukwesekwa kokulinganiswa kwamaholo othisha bakaGrade R kanye nokuqiniswa kwezinsiza ezibalulekile zezempilo esifundazweni.
Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda, ukukhuliswa komnotho nokudalwa kwamathuba emisebenzi nakho kubekwe eqhulwini kulesi sabelomali. Kwabelwe imali yokulungiswa kwemigwaqo, ukuvuselelwa kwengqalasizinda eyacekelwa phansi yizinhlekelele zemvelo kanye nokutshalwa kwezimali ekuthuthukisweni kwezingane ezisencane, kwezolimo, kwezokuvakasha nasengqalasizindeni yomphakathi.
URodgers uchaze ukwamukelwa kwesabelomali yisiShayamthetho njengobufakazi obuqinile bokwethemba ikusasa laKwaZulu-Natal.
“Uma sibheka isimo sezimali esinzima, lesi sabelomali siveza ukuzibophezela ngokubambisana kukaHulumeni Wobumbano Lwesifundazwe ekwakheni iKwaZulu-Natal eqinile futhi ekwazi ukumelana nezinselelo,” kusho uRodgers.
“Sivikela izidingo ezibalulekile, sitshala imali kubantu bakithi futhi sakha amathuba okukhulisa umnotho nokudala imisebenzi. Okubaluleke kakhulu ukuthi sibeka isifundazwe sethu esimweni sokuba siqhubekele phambili ngokuzethemba njengoba sisebenzisana ukwakhela zonke izakhamuzi ikusasa elingcono.”
Uhulumeni wesifundazwe manje uzogxila ekuqaliseni ukusebenza kwesabelomali nasekuqinisekiseni ukuthi yonke imali esetshenzisiwe iletha inzuzo ebonakalayo emiphakathini.
“Ngokuphatha ngendlela efanele, ukutshala imali ngendlela enamasu kanye nokuqhubeka nokugxila ekulethweni kwezidingo, uhulumeni wesifundazwe usazibophezele ekwakheni iKwaZulu-Natal echumayo, ebandakanya wonke umuntu futhi enomnotho okhulayo,” kusho uRodgers.
I-ENDUMENI INXUSWA UKUBA YAMUKELE ISABELOMALI ESITHEMBEKILE
Khonamanjalo, uRodgers uhlangane neMeya yaseNdumeni, uMcebo Mkhize, amakhansela aphezulu kanye nezikhulu zikamasipala ukuze kudingidwe izinselelo zezombusazwe nezokuphatha ezivimbele umasipala ukuba wamukele isabelomali sawo sonyaka wezimali ka-2026/27.
Ukwehluleka ukwamukela isabelomali kuwukwephulwa koMthetho Wokuphathwa Kwezimali ZoMasipala, iMunicipal Finance Management Act.
Umhlangano obubanjwe ngoMsombuluko ubuhanjelwe yizikhulu eziphezulu zoMgcinimafa waKwaZulu-Natal, uMnyango wesifundazwe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kanye namalungu ehhovisi likaNgqongqoshe.
Ngokusho koMgcinimafa wesifundazwe, izingxoxo zibe nomphumela omuhle, kanti bonke ababambiqhaza baveze ukuzibophezela ngokubambisana ekutholeni isixazululo esibeka izidingo zezakhamuzi zaseNdumeni phambili.
UMgcinimafa waKwaZulu-Natal kanye ne-CoGTA yesifundazwe baphinde bazwakalisa ukuzimisela kwabo ukweseka umasipala ekwakheni isabelomali esithembekile nesixhaswe ngokugcwele, esizovikela ukulethwa kwezidingo futhi sithuthukise ukusimama kwezimali zikamasipala esikhathini eside.
Umhlangano uphinde wadingida uhlelo oluhlongozwayo lokubhekana nesikweletu sikamasipala kwa-Eskom. Lolu hlelo luzokwethulwa emkhandlwini kamasipala ukuze ulucubungule futhi, uma ulwamukela, uluphasise.
URodgers uthe izakhamuzi zaseNdumeni zifanelwe umasipala ozibophezele ekuphathweni kahle kwezimali nasekulethweni kwezidingo ngendlela ethembekile.
“Isabelomali kanye nokwamukelwa kwaso kufanele kugxile ekufezeni izidingo zezakhamuzi zaseNdumeni. Akuzona zonke izakhamuzi zaseNdumeni ezithanda ezombusazwe, kodwa zonke zidinga futhi zizohlomula ngezidingo ezingabizi kakhulu nezisimeme,” kusho yena.
“Ithimba loMgcinimafa waKwaZulu-Natal lizibophezele ekusizeni umasipala.”
UNgqongqoshe ukhumbuze ubuholi bukamasipala ukuthi uhulumeni wesifundazwe uyalele iNdumeni ukuba yamukele isabelomali esithembekile nesixhaswe ngokugcwele ungakadluli umhla zingama-31 kuNtulikazi 2026. Ukwehluleka ukuhlangabezana nalo mnqamulajuqu kungaholela ekuhlakazweni komkhandlu kamasipala bese kuqokwa umlawuli.
URodgers ugcizelele ukuthi ukuhlakazwa kukamasipala akusona isinqumo uhulumeni wesifundazwe afisa ukusithatha. Unxuse ukuthi zonke izinkinga ezisasele zixazululwe ngokubambisana nangobuholi obunesibopho.
Uphinde wanxusa amakhansela ukuba abeke izimiso phambi kwezombusazwe futhi asebenzisane ukuze kuhlomule umphakathi.
“Uhulumeni wesifundazwe usenethemba lokuthi, ngokuqhubeka kwezingxoxo nokubambisana, iNdumeni ingakwazi ukwamukela isabelomali esithembekile esizoqinisa ukubusa, sivikele ukulethwa kwezidingo futhi seseke intuthuko kamasipala yesikhathi eside,” kusho uRodgers.
Umthombo: SAnews.gov.za

