UMlazi International Film Festival isingathe  iworkshop yokucija amaCiko kwezokulingisa

Sihambe kanhle  kakhulu isithangami sabezindaba  Umlazi International Film Festival ebesibanjelwe e Mangosuthu University of Technology ngenhloso yokwazisa umphakathi ngemisebenzi eyenziwa uMlazi International Film Festival kanye nokuqhakambisa imisebenzi yezama filimu emalokishini. 

Osaziwayo abalingisa emidlalweni yomabonakude (TV) abafana no Mnguni owaziwa ngoMbatha emdlalweni Uzalo kube uSandile Dlamini  odume ngelika Shongololo, uMduduzi Mnguni, uDktl.Zwane kanye noMpume Mthombeni ibona abebethula umbiko esithangamini sabezindaba baphinda baqhuba neWorkshop

Lesithangami sabezindaba sibe ngaphambi kwezinsuku ezine zokuqala zokusingathwa kwe film workshop lapho kufundiswe abantu kabanzi ngamathuba akhona emkhakheni wezamafilimu. 

Ngosuku lwesine kwaba  nePublic Screening eMlazi Mega City Amphitheater umphakathi wathola ithuba lokubuka ifilimu ifilimu. Kwathi ngoLwesihlanu kwaba nomcimbi wama-Awards ukuqhakambisa imisebenzi yabaqopha amafilimu nokubakhuthaza ukuthi baqhubekele phambili banyuse nezinga.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *