Uhulumeni wethule isamba sika-R500 million sohlelo sokweseka ama-Spaza Shops

SHEILA MHLONGO

Uhulumeni usethule ngokusemthethweni uhlelo lokweseka amaSpaza Shops ngesamba esingu-R500 million, ngenhloso yokuthuthukisa ukubamba iqhaza kwamabhizinisi abantu baseNingizimu Afrika emalokishini nasezindaweni zasemakhaya.

UNgqongqoshe Wezohwebo, Imboni Nezokuncintisana, uParks Tau, uthe le mali izosiza ukudala imisebenzi, kwehliswe ububha, kukhuthazwe ukufinyelela kwezomnotho kanye nokukhula komnotho wendawo.

Loluhlelo luhlanganisa imali eyisibonelelo kanye  nemalimboleko enenzalo ephansi, kuze kufinyelele ku-R300 000 ngesitolo ngasinye. Imali izosetshenziswa ukuthenga isitoko sokuqala, ukulungisa izakhiwo, amathuluzi okuthuthukisa ibhizinisi, kanye nezinhlelo ze-POS.

Abanikazi bezitolo bazosizwa ukuhlangabezana  nezidingo zenhlanzeko nokuphepha kanye nezokuqinisekisa ukuthi bahlangabezana nezidingo zokuthi amabhizinisi abo abe semthethweni

Lolu hlelo luzophathwa yi-National Empowerment Fund (NEF) ne-Small Enterprise Development Finance Agency (SEFDA).

Ukuze uthole uxhaso, kufanele ufake isicelo ku-NEF noma i-SEFDA ngewebhusayithi:

  • www.spazashopfund.co.za
  • www.nefcorp.co.za
  • https://systems.sefa.org.za/SMMEPortal/

Oxhumana nabo:

  • Spaza Fund Call Centre: 011 305 8080 | Spazafund@nefcorp.co.za
  • NEF: 0861 843633
  • SEFDA: 012 748 9600 | helpline@sefa.org.za

-SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *