SHEILA MHLONGO
Uhulumeni usememezele ukuthi uzoqasha odokotela abangu-1 200 abasha ukusiza ukwehlisa inkinga yokushoda kwabasebenzi bezempilo ezibhedlela zikahulumeni . UNgongqoshe wezeMpilo uDktl. Aaron Motsoaledi wenze lesimemezelo kulandela ukwabelwa kwesabelomali esisha ngomhlaka 12 Mashi 2025 nguNgqongqoshe Wezezimali, lapho kwahlukaniselwa khona u-R1.78 billion ukuqasha abasebenzi bezempilo.
Ngaphezu kwalabo dokotela, uDktl. Motsoaledi uphinde wamemezela ukuthi kuzophinde kuqashwe abahlengikazi abangu 200 kanye nochwepheshe bezempilo abangu 250.
UNgqongqoshe uDktl. Aaron Motsoaledi uthe uPhiko lwezokuqasha (Human Resource) luzoqala amalungiselelo okuqasha maduze, njengoba inhlangano iNational Health Council izimisele ukuxazulula izinkinga ezibhekene nomkhakha wezempilo.
Uphinde wamemezela ukuthi uhulumeni uzothenga imibhede engu-25 000, amakhushini, amashidi, neminye imishini yeziguli ngenani lika-R1.346 billion. Lokhu kwenziwa ukulungisa izimo ezingekho esimeni ezifana nokulala kwezingane ebhokisini likakathayela eMahikeng.
Uthe, iNational Health Council ibuyekeza inqubomgomo endala emayelana nabasebenzi bezempilo – okuhlanganisa ukusebenza okukhokhelwayo ngaphandle komsebenzi, amahora okugcwalisa, nomholo wabasebenza ezindaweni zasemakhaya.
Lolu hlelo kulindeleke ukuthi lulekelele izibhedlela zikahulumeni nokuletha ushintsho olumqoka kwezempilo eNingizimu Afrika.

