Thobile Mbatha
INJABULO kaKhisimuzi isisondele kwizakhamuzi zasoThongathi, eThekwini emuva kokuphela komsebenzi wokwakhiwa kwesiphehli samanzi esacekeleka phansi ngesikhathi sezikhukhula ngo-Ephreli kulonyaka.
Lokhu kukhishwe esitatimendeni esithunyelwe abezindaba ukuthi mhla ziwu 26 Okthoba ngoLwesithathu, imeya yeTheku uMnu. Mxolisi Kaunda uthe, bahlalelwe umsebenzi wokugcwalisa amanzi edamini kanti esithangamini nabezindaba uKaunda uthe kuzoqale kugcwaliswe amanzi edamini laseHambanathi, kuzobe sekulandela ukugcwaliswa kwamadamu iMona, Metcalf, Belvedere, Tongaat South neMamba Ridge.
Uphinde wakhuthaza abantu ukuthi baqale bawabilise amanzi azobe ephuma kumpompi emizini yabo. “Kumele bakwenze lokhu isikhathi esiyizinsukwana, lena indlela yokuqinisekisa ukuthi aphephile amanzi abazobe bewathola, kwazise amapayipi abekade ehambisa lamanzi abengasebenzi isikhahi side.” Kusho uKaunda.
Kokunye okuveziwe ukuthi bese kuphele izinyanga eziyisithupha singasebenzi isiphehli-manzi, uthongathi water treatment plant. Lokhu kwadala isomiso emphakathini eyakhele uthongathi, kwaphoqa ukuthi abantu bagcine bengenele uchungechunge lwemibhikisho enodlame, befuna ngodli amanzi. Kwaphoqeleka ukuthi abaholi bezinhlaka ezintathu zikahulumeni bagqigqe kulendawo beyobhula umlilo,abantu bedinwe begane unwabu befuna amanzi la.
Kwagcinwa kwandiswe isibalo samathangi aphakela umphakathi amanzi futhi abantu bathenjiswa ukuthi luzosheshiswa uhlelo lokubuyiselwa kwamanzi kompompi, ukaunda uhlabe ukucekelwa phansi kwengqalasizinda ebhekele indle nemfucuza. “njengamanje zingu-33 iziteshi ezibhekele lo msebenzi ezicekelwe phansi. Kusho uKaunda.
Uthe usuqalile umsebenzi wokulungiswa kwale ngqalasizinda ukuze kunqandwe ukuthi ikapakele emifuleni nasolwandle. Kuphetha uKaunda.


