UVusi Khoza ukhala ngesihluku sokuxoshwa kwabo eqenjini le EFF kanye nasePhalamende

SHEILA MHLONGO

UVusi Khoza obeyilungu leqembu le EFF ephalamende kuzwelonke usezwakalise isikhalo sakhe mayelana nalokho akubiza ngesihluku esenziwe umholi weEconomic Freedom Fighters (EFF) uMnu Julius Malema sokuxosha yena kanye nabanye abaholi.

UVusi Khoza uthi akanayo inkinga nesinyathelo saleliqembu sokumxosha, kepha unenkinga ngomphumela waso njengoba ekholelwa ukuthi kube yisinyathelo esinesihluku nokungabacabangeli abathintekayo.

Lapha uKhoza, ubalula indaba yokuthi abanye abaxoshiwe bebenezikweletu kanye nezindleko okumele babhekane nazo nyanga zonke kodwa manye abasenawo umsebenzi bazokhokha ngani, wathi umuntu ofuna ukuvotela iEFF kuzomele acabangisise kahle ngaphambi kokuthatha isinqumo sakhe.

uKhoza usho kanjena kulandela ukuba leliqembu likhiphe isitatimendi liveza amagama amalungu alo  abalelwa ku 61 iningi lawo okungamakhansela elithathe isinqumo sokuwaxosha ngokuhluleka ukuletha amabhasi kugujwa iminyaka elishumi kwasungulwa i-EFF eGoli.

UVusi utshele abezindaba ze IOL ukuthi yena usazohlala kulendima yepolitiki akayi ndawo njengoba kuyiwa okhethweni luka 2024 naye uyobe ekhona kulabo abayobe befungiswa ePhalamende.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *