
ISITHOMBE: IMeya yeTheku, uKhansela Cyril Xaba, inikeze abezindaba umbiko wakamuva mayelana nenqubo yokubuyiselwa kanye nokudingiswa kwabokufika baseMalawi abebehlala endaweni yaseSherwood.
UXABA UBONGA ABAHLANGANYELE EKUBUYISELENI ABAKWA-MALAWI EZWENI LAKUBO
UMasipala waseThekwini, ngokubambisana noHulumeni waseNingizimu Afrika kanye neKhomishini Ephakeme yaseMalawi, uthe sekukhona inqubekelaphambili enkulu ekubuyiseleni abantu bakuleliya zwe ngendlela ehlelekile nenobuntu.
Ukuze kusheshiswe lolu hlelo, kuvulwe indawo yesikhashana eDurban Drive-Inn lapho sekudluliselwe khona abesifazane, izingane kanye nabantu abanezinkinga zempilo. Le ndawo inamanzi, ugesi, izindlu zangasese, usizo lwezempilo, ukudla kanye nezindawo zokukhosela.
NgokukaXaba, abantu abacishe babe ngu-4 000 sebevele babuyiselwe noma badingiswa. NgoLwesihlanu kuphela, amabhasi ayisishiyagalombili athwale abantu abangu-784 ababuyela eMalawi.
Uhulumeni uphinde washintsha indlela esebenzayo ukusuka ekudingisweni uye ekubuyiseleni ngokubambisana nohulumeni waseMalawi, njengoba le ndlela ishesha futhi ayidingi izinqubo zenkantolo.
U-Xaba ubalule ukuthi uhulumeni usuhlinzeke ngamabhasi angu-20 ukuze kusheshiswe ukubuyiselwa kwabantu eMalawi, waphinde wabonga zonke izinhlaka zikahulumeni, izinhlangano ezingenzi nzuzo, izinhlangano zenkolo kanye nomphakathi ngokubambisana kwazo ekutholeni isixazululo esihlala isikhathi eside.

