
ESITHOMBENI: USihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela, uKhansela Thembo Ntuli, ehambisana noKhansela Busi Ndlovu we-eThekwini Municipality Informal Economy Forum, iMenenja yendawo uTsepo Mabuza, uMqondisi Omkhulu uLihle Phewa, uKhansela weWadi uSibusiso Lushaba kanye noSihlalo weKomidi labaDayisi baseMakethe yaseMansel Road, uMboneni Qwabe, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni uHlelo Lokuthuthukiswa kweMakethe yaseMansel Road olubiza izigidi ezingama-R29, mhla ziyisi-7 kuNcwaba 2026.Izithombe: Phumla Khwela.
SHEILA MHLONGO
UMasipala weTheku ngoLwesihlanu lomhlaka 7 wethule isigaba sokuqala soHlelo Lokuthuthukiswa kweMakethe yaseMansel Road olubiza izigidi ezingama-R29, lapho unikezele khona ngezindawo zokudayisela ezintsha eziyi-100 kubadayisi baseChurch Walk. Lezi zindawo zineminyango ekhiyekayo, ugesi kanye nezindlu zangasese.
USihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela, uKhansela Thembo Ntuli, uwamukele lo msebenzi.
“Umnotho ongahlelekile uyinsika ebalulekile kwezomnotho eThekwini. Wondla izinkulungwane zemindeni futhi uvulela abantu amathuba okusungula amabhizinisi kulo lonke idolobha lethu. Ngohlelo lokuthuthukiswa kweMakethe yaseMansel Road, siqhubekisela phambili ukwesekwa okuqhubekayo kukaMasipala kubadayisi ngokubahlinzeka ngengqalasizinda ethuthukisiwe eqinisa ukuphepha, isithunzi kanye nokusebenza kwamabhizinisi.
“Lolu tshalomali luhlose ukusungula amathuba esimeme nokuqinisekisa ukuthi abadayisi basemgwaqweni bayaqhubeka nokubamba iqhaza elibalulekile ekukhuleni nasekuthuthukisweni komnotho waseThekwini,” kusho uKhansela Ntuli.
Umdayisi uMboneni Qwabe useneminyaka edayisa kule ndawo kusukela ngesikhathi imakethe isanda kuqala ukusebenza.
“Ngesikhathi ngifika lapha okokuqala, sasidayisela izimpahla zethu ezimotweni. Kamuva sathuthela kuma-container, kodwa agqwala kakhulu ngenxa yokuthi siseduze nolwandle. Agcina engasaphephile kubadayisi nakumakhasimende.
“Ukuthola indawo yokudayisela efanele enogesi nomnyango okhiyekayo kusho lukhulu kithi. Kusinika ukuphepha, isithunzi kanye nendawo engcono yokusebenzela. Manje sesingagxila ekukhuliseni amabhizinisi ethu nasekunikezeni amakhasimende ethu usizo olungcono,” kusho uMnu Qwabe.
UMqondisi Omkhulu wezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela, uLihle Phewa, uthe isigaba sesibili sizokwengeza ezinye izindawo zokudayisela ezingama-86.
“Uma umsebenzi usuqediwe, imakethe ethuthukisiwe izokwazi ukuhlalisa abadayisi abayi-186, ivulele amabhizinisi asemkhakheni womnotho ongahlelekile asebenza ngaphakathi kwedolobha amanye amathuba.
“Ngaphezu kokuthuthukisa izimo zokuhweba, lolu hlelo selusungule amathuba omsebenzi wesikhashana angama-55 kubahlali bendawo, lwaphinde lwahlinzeka ngomsebenzi kosonkontileka abancane bendawo abane. Lokhu kuqinisekisa ukuthi lolu tshalomali luletha izinzuzo eziqondile emiphakathini ezungezile,” kusho uPhewa.
UMasipala uphinde wanikezela ngezimvume zokuhweba ezingama-53 kulandela ukukhishwa kwesikhangiso sezindawo zokudayisela ezingenabantu ngaphansi kohlelo olubizwa nge-Informal Vacant Stalls Advertisement.

