IKhabhinethi igunyaze ukwelulwa kwesikhathi sokusebenza kwamalayisense okushayela

UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uKhumbudzo Ntshavheni

SHEILA MHLONGO

UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uKhumbudzo Ntshavheni, umemezele ukuthi iKhabhinethi likugunyazile ukwelulwa kwesikhathi sokusebenza kwamalayisense okushayela izimoto ezincane nezithuthuthu, sisuka eminyakeni emihlanu siya eminyakeni eyi-10.

Ekhuluma nabezindaba ePitoli ngoLwesine lomhlaka 30 Julayi ngemiphumela yomhlangano weKhabhinethi obungoLwesithathu lomhlaka 29 Julayi, uNtshavheni uthe lokhu kwelulwa kuthinta amalayisense amaKhodi A, A1, B kanye no-EB, okuzokwenza ukuthi asebenze iminyaka eyi-10 esikhundleni semihlanu.

Amalayisense ezimoto ezinkulu ezisetshenziselwa ezohwebo kanye nezokuthutha umphakathi azoqhubeka nokuvuselelwa ngokwemigomo ekhona yeminyaka emibili noma emihlanu. Ama-Professional Driving Permit nawo azoqhubeka nokuvuselelwa njalo eminyakeni emibili.

“Ukuqaliswa kwalesi sikhathi eseluliwe sokusebenza kwamalayisense kudinga ukuthi kuchitshiyelwe imithetho. Ngakho-ke, abashayeli kufanele baqhubeke nokuvuselela amakhadi abo amalayisense okushayela asephelelwe yisikhathi kuze kube yilapho umthetho omusha uqala ukusebenza.

“Lolu shintsho luhambisana nezindlela ezihamba phambili ezisetshenziswa emhlabeni, luthuthukisa ukusebenza kahle kwezokuphatha, lunciphisa izikhathi abashayeli okudingeka bavuselele ngazo amalayisense futhi lwehlise nengcindezi yezidingo zezinsizakalo ohlelweni lokukhishwa kwamalayisense,” kusho uNgqongqoshe.

Inqubomgomo Ebukeziwe Yamanani Kagesi

IKhabhinethi liphinde lagunyaza ukuthi kushicilelwe iNqubomgomo Ebukeziwe Yamanani Kagesi ukuze umphakathi uphawule ngayo. Le nqubomgomo iqinisa uhlaka lwemithetho elawula amanani kagesi, izilinganiso zokukhokha kanye nezinye izindleko.

Le nqubomgomo iqinisekisa ukuthi izilinganiso zokukhokha zisobala ngokuhlukanisa izindleko eziphathelene nokuphehlwa, ukudluliswa, ukusatshalaliswa kanye nokudayiswa kukagesi kubasebenzisi.

Iphinde ihlanganise izinhlelo zokulawula amanani kagesi phakathi kwabaphehli bakagesi, abahwebi, iNational Transmission Company South Africa (NTCSA) kanye nabasabalalisi bakagesi.

Iphinde isungule uhlaka oluzokwenza ukuthi lokhu kusebenzisana kwenzeke futhi kulawulwe yiNational Energy Regulator of South Africa (NERSA).

UNtshavheni uthe le nqubomgomo ibuyekeza i-Electricity Pricing Policy yango-2008 ukuze ihambisane nezinguquko ezenzekile embonini yokuphakelwa kukagesi. Lokhu kubandakanya izinguquko eziqhubekayo ezimakethe ezidalwe ukuhlukaniswa kwemisebenzi yakwa-Eskom kanye nokuqaliswa kwe-Electricity Regulation Amendment Act ka-2024.

“Le nqubomgomo isekela ukwethulwa kwezilinganiso zokukhokha ezihambisana nezindleko zangempela, ngesikhathi ivikela abasebenzisi abasengcupheni kanye nemikhakha ebalulekile yezomnotho,” kusho uNgqongqoshe.

Khonamanjalo, uhulumeni kulindeleke ukuba ashicilele uhlaka lwe-Electricity Sector Market Transformation Position Paper ukuze umphakathi uphawule ngalo, kulandela ukugunyazwa kwalo yiKhabhinethi.

“Lo mbhalo uhlinzeka ngohlaka oluzoqondisa uguquko lwaseNingizimu Afrika, kusukwa ohlelweni lukagesi olulawulwa kakhulu nguMbuso kuya emakethe kagesi encintisanayo. Lokhu kuhambisana ne-Electricity Regulation Amendment Act ka-2024 kanye ne-Energy Action Plan.

“Izinguquko ezihlongozwayo zihlose ukuthuthukisa ukuphepha nokuthembeka kokuphakelwa kwamandla ngokunciphisa ukuncika kumhlinzeki oyedwa kagesi, nangokuvumela ukubamba iqhaza okubanzi ekuphehlweni nasekuhwebeni ngogesi.

“Lezi zinguquko zihlose nokuheha utshalomali kwingqalasizinda yokuphehla, yokudlulisa neyokusabalalisa ugesi, ukweseka ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi nokukhula komnotho, kanye nokunciphisa izindleko zikagesi ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uNtshavheni. – SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *