INingizimu Afrika idinga onogada abazimele ne-SAPS basebenze njengombutho owodwa

NguHenk van Bemmelen, oyi-CEO yeBlue Security

Onogada abazimele sebeyingxenye ebaluleke kakhulu ekwesekeni umsebenzi wamaphoyisa eNingizimu Afrika, njengoba iSouth African Police Service (SAPS) ibhekene nokushoda okukhulu kwabasebenzi kanye nezinsiza ezinganele isikhathi eside. Lokhu kushoda kwenza kube nzima ukuba amaphoyisa ahlale ezulazula ezindaweni, aphendule ngokushesha ezigamekweni, enze uphenyo olunzulu futhi abonakale ngokwanele ezindaweni ezinobungozi obukhulu.

Ngokusho kwePrivate Security Industry Regulatory Authority (PSIRA), izwe selinonogada abazimele ababhalisiwe nabasebenzayo abangaphezu kuka-650 000, uma kuqhathaniswa namaphoyisa angaphezudlwana kuka-153 000 kuwo wonke amazinga e-SAPS. Ukuba nonogada abazimele abacishe babe bane, abahlome ngezinsiza ezifanele, uma kuqhathaniswa nephoyisa elilodwa, kudala umehluko omkhulu obonwa futhi uzwakale nsuku zonke emiphakathini.

Indima yomkhakha ozimele ngeke ibe ngeyokuthatha isikhundla se-SAPS noma ukuyisusa emsebenzini wayo, kodwa iwukusiza ukuvala izikhala ekusebenzeni ngokwandisa izindawo ezigadiwe, ukuqinisa ukuqoqwa kolwazi lobugebengu ezindaweni, ukwandisa ukubonakala kwezokuphepha kanye nokuphendula ngokushesha ezigamekweni lapho i-SAPS ingenawo amandla anele okuba khona ngobuningi.

Onogada abazimele bangasiza ekwehliseni ingcindezi ethwelwe yi-SAPS, ukuze amaphoyisa akwazi ukugxila emisebenzini edinga amandla asemthethweni anikezwe amaphoyisa ngumthetho.

Lokhu kwesekwa kubaluleke kakhulu ezweni elibhekene namazinga aphakathi kwaphezulu emhlabeni obugebengu kanye nawokubulawa kwabantu. Ezinyangeni ezintathu zokuqala zalo nyaka kuphela, i-SAPS yaqopha:

  • Abantu abangu-5 181 ababulewe;
  • Izigameko ezingu-6 916 zokuzama ukubulala;
  • Amacala ocansi angu-12 590;
  • Izigameko ezingu-37 289 zokubamba inkunzi okuvamile nokuhambisana nodlame; kanye
  • Nokuhlaselwa kwabantu okungu-92 291 kwamazinga ahlukene obucayi.

Kusobala ukuthi kudingeka ukubambisana okukhulu phakathi konogada namaphoyisa. I-SAPS isivele iyawubona umkhakha wonogada abazimele, kanye nezinhlaka zokubambisana komphakathi namaphoyisa, ama-Community Policing Forum (CPF), namaphoyisa angamavolontiya, njengababambiqhaza ababalulekile ekwandiseni amandla amaphoyisa. Lokhu kubaluleke kakhulu ezindaweni zasemakhaya lapho isibalo samaphoyisa sincane kakhulu. I-SAPS iphinde yavuma ukuthi kudingeka kuthathwe izinyathelo eziphuthumayo zokuqinisa lobu budlelwano ukuze busebenze kangcono.

KwaZulu-Natal, iBlue Security ithumela amakhulu onogada nsuku zonke ezindaweni ezihlukahlukene ukuze bazulazule emigwaqweni, baphendule lapho kukhala ama-alamu, babone izinto ezisolisayo, basize ekusesheni futhi bavikele izindawo okwenzeke kuzo ubugebengu.

Ngesikhathi onogada bayo begcina ubufakazi buphephile, bedlulisa ulwazi lwendawo futhi bevikela indawo okwenzeke kuyo ubugebengu, i-SAPS iyakwazi ukugxila ekuboshweni kwabasolwa, ophenyweni olusemthethweni kanye nemisebenzi yokugcina ukuthula emphakathini edinga amandla amaphoyisa asemthethweni.

Ukubambisana okuhlelekile phakathi kukahulumeni nomkhakha ozimele kufanele kuthathe indawo yokusebenza ngokwehlukana

Amandla omkhakha wonogada abazimele angaba wusizo olukhulu kakhulu ezweni uma abasebenzi bawo, izimoto, amagumbi okulawula kanye nolwazi lwendawo kuhambisana nezinto ezibekwe eqhulwini yi-SAPS, kunokuba kuhlakazeke emisebenzini engaxhumene neqhutshwa ngokwehlukana.

Ukuze kufezeke lokhu kudingeka indlela ehlelekile yokubambisana ezodlula imingcele yendlela esetshenziswa njengamanje, iqinise ukuxhumana, inikeze i-SAPS ukufinyelela okukhulu emandleni nasezinsizeni zomkhakha ozimele futhi ivumele lo mkhakha ukuba uthwale ingxenye enkulu yomsebenzi ocindezela uhlelo lukazwelonke lokugcinwa komthetho.

Ngaphandle kwalolu hlelo, izinhlaka ezimbili zezokuphepha zingafika esigamekweni esisodwa kodwa zisebenzisa ulwazi oluhlukene, zibeke phambili izinto ezingafani futhi zilawulwa yizikhungo ezingafani. Abazulazulayo bangagcina bephindaphinda umsebenzi ofanayo ngesikhathi ulwazi olubalulekile luvaleleke emagumbini okulawula angaxhumene.

Lokhu kungadala ukungaqiniseki ngokuthi ubani olawula indawo yesigameko nokuthi ubufakazi noma abasolwa kufanele badluliselwe kanjani. Wonke umzuzu olahleka ngenxa yalokhu kuhlukana wenza impendulo ibe buthakathaka ngesikhathi isivinini sibaluleke kakhulu.

Ukubambisana okusemthethweni nokuhleleke kangcono kuzogcina amandla angokomthethosisekelo lapho kufanele abe khona. I-SAPS izoqhubeka nokulawula ukuboshwa kwabasolwa, uphenyo, izincwadi ezigunyaza ukuseshwa noma ukuboshwa, imisebenzi yokugcina ukuthula emphakathini kanye nokuqhutshwa kwamacala obugebengu.

Ngakolunye uhlangothi, onogada abazimele bazothuthukisa ingxenye yokuqala yokuphendula ezigamekweni ngokuzulazula okubonakalayo, ukubika ngokushesha, ukuqoqa ulwazi lwendawo kanye nokuvikela izindawo zobugebengu. Lokhu kuzonikeza amaphoyisa isithombe esicace kangcono sesigameko ngaphambi kokuba afike.

IBlue Security isivele inohlelo olunikeza umbono onemininingwane eminingi ngolwazi lobugebengu. Lolu hlelo lusebenzisa inethiwekhi yayo enkulu yamakhamera, imininingwane yama-alamu, imibiko yabasebenzi abazulazulayo kanye namarekhodi ezigameko. Lokhu kunikeza amagumbi ayo okulawula ulwazi olunzulu ngokwenzeka emigwaqweni nokuthi ubugebengu buhamba kanjani ezindaweni zokuhlala, emafulethini avikelekile kanye nasezindaweni zamabhizinisi.

Ngokusebenzisa inkundla yenkampani yokuhlaziya imininingwane, abaphenyi bangahlanganisa lolu lwazi ukuze bathole izindlela ubugebengu obenzeka ngazo, balandelele imisebenzi yamaqembu obugebengu futhi bakhe amafayela anemininingwane yophenyo. Amaqembu akhethekile nawo asebenzisa lolu lwazi ukuze athuthukise imizila yokuzulazula futhi aphendule ngokushesha nangokunembile.

Ngaphansi kohlelo oluhlelekile lokubambisana phakathi kukahulumeni nomkhakha ozimele, lobu buchwepheshe bunganikeza i-SAPS ungqimba oluqinile lokwesekwa kwezobunhloli. Lokhu kungaguqula imininingwane eqoqwe ezindaweni ibe ulwazi oluhlaziyiwe nolubekwe esimweni esiqondakalayo ngaphambi kokuba ludluliselwe emaphoyiseni.

Kungasiza ekuqondiseni ukuthunyelwa kwamaphoyisa ezindaweni ezidingekayo, kuqinise ukulungiswa kwamacala futhi kuxhumanise izigameko ebezingase zithathwe njengezehlukene, kugcine sekunikeza abantu baseNingizimu Afrika ukuvikeleka okukhulu.

Abantu baseNingizimu Afrika sebevele bexhasa ngezimali izinhlelo ezimbili ezinkulu zezokuphepha: olunye ngentela kanti olunye ngezinkontileka zezinkampani zonogada abazimele. Uhlaka lukazwelonke olusebenza ngaphansi kobuholi obucacile be-SAPS lungenza lezi zimali nezinsiza kuqinise ukusebenza kwazo ngokubambisana.

Lokhu kungenza isexwayiso esitholwe egumbini lokulawula lenkampani ezimele siqondise kangcono unogada othunyelwa endaweni, impendulo yamaphoyisa elandelayo kanye nophenyo olwakhiwa ngalolo lwazi. Ukushiya wonke la mandla engaxhumene kuyisinqumo iNingizimu Afrika engeke ikwazi ukuqhubeka isithwala.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *