UMkhandlu weTheku ugunyaze ukwelulwa  kukashwele wesaphulelo sezikweletu kumakhasimende

UMeya weTheku ukhansela Cyril Xaba ekhuluma kweminye yemihlangano

SHEILA MHLONGO

UMkhandlu  weTheku  ugunyaze ukubuyiselwa kohlelo olukhethekile lukashwele  wezikweletu, oluqondiswe kuphela kumakhasimende ayesohlelweni lokuxazululwa  kwezikweletu zawo ngesikhathi lolu hlelo luvalwa ngoJanuwari 2026.

Sekuhlonzwe izixazululo zama-akhawunti ezibalelwa ku-154 ezihlobene nezikweletu zikagesi, amanzi kanye nezilinganiso zentela yezakhiwo (rates). Lezi zixazululo zinenani elihlangene elilinganiselwa ku-R112.3 million.

IMeya yeTheku, uKhansela Cyril Xaba, isinxuse amakhasimende angakwazanga ukuhlomula kulolu Hlelo Olukhethekile Lokuxolelwa Kwezikweletu ngenxa yokuthi izingxabano zama-akhawunti awo zazisacutshungulwa, ukuthi asebenzise leli thuba eliyingqayizivele.

Uhlelo olubuyekeziwe seluqalile ukusebenza ngokushesha futhi luzoqhubeka kuze kube sekupheleni kuka-Agasti 2026.

“Ngesikhathi sethula lolu hlelo okokuqala kusukela ngoMeyi kuya kuJuni 2025 ukuze kusulwe amaphesenti angu-50 ezikweletu ezifanele ezazikweletwa uMasipala kusukela ekupheleni kukaJanuwari 2025, abakhokhi bentela kanye nabanye ababambiqhaza ababalulekile basinxusa ukuthi silunwebe. NjengoMasipala olalelayo nonakekelayo, sasabela kulokho ngokwelula lolu hlelo kusukela ngoNovemba 2025 kuya kuJanuwari 2026 ukuze sisize ukunciphisa ingcindezi yezimali emakhaya nasemabhizinisini,” kusho iMeya uXaba.

IMeya ithe ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo nomphakathi, amakhasimende ayefake izingxabano zama-akhawunti kuMasipala acela ukuthi nawo anikezwe ithuba lokuhlomula kulolu hlelo njengoba izingxabano zawo zazisacutshshungulwa ngesikhathi lolu hlelo luvalwa.

“Silalelile izakhamuzi zethu ezaziveza ukukhathazeka kwazo ngobuqotho, futhi siyajabula ukuzinikeza leli thuba. Sikhuthaza wonke amakhasimende afanelekile ukuthi alisebenzise leli thuba lokuhlomula kulolu hlelo,” kusho iMeya uXaba.

Uhlelo Olukhethekile Lokuxolelwa Kwezikweletu, olwaphela ngoJanuwari 2026, lwenze uMasipala wakwazi ukusula izikweletu ezibalelwa ku-R515 million, okulethe usizo lwezimali olwaludingeka kakhulu kumakhasimende angaphezu kuka-4 500.

IMeya uXaba iphinde yanxusa wonke amakhasimende ayefake izingxabano zama-akhawunti ukuthi avakashele izikhungo eziseduze zokuhlinzekwa kwezinsiza kumakhasimende zikaMasipala ukuze athole usizo ngaphambi kokuthi uhlelo olubuyiselwe luvalwe ekupheleni kuka-Agasti 2026.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *