Uhulumeni wase-KZN uhlangane nabaholi ukudingida amasu okuthuthukisa umnotho wama Spaza Shops

Abaholi abebethamele umhlangano

NOMTHANDAZO MAGOSO

UHulumeni weSifundazwe saKwaZulu-Natali, oholwa uNdunankulu uMhlonishwa Thamsanqa Ntuli, ubambe umhlangano obalulekile  Ngolwesibili mhlaka 28 July 2026 e-Archie Gumede Conference Centre, eThekwini, ukuzodingida ikusasa lomnotho wama Spaza Shops esifundazweni.

Lo mhlangano owaziwa nge Spaza Shops Economy Round Table uhlanganise abaholi bendabuko, amakhansela, izimeya, kanye nezinhlaka zamabhizinisi nezemiphakathi. Inhloso yawo ukuthola izixazululo ezizosiza ukulungisa umonakalo emnothweni wendawo nokukhulisa amathuba emalokishini nasezindaweni zasemaphandleni.

IZIBALO EZIVEZE USIZI LWESIMO

UNdunankulu Ntuli wethule izibalo ezisemthethweni ezivela kuMnyango WezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nokoNgiwa kweMvelo (EDTEA), eziveza isimo samanje sobunikazi bama Spaza Shops eKZN:

Abanikazi abangabokufika kuleli: 57.8%

Abanikazi  baseNingizimu Afrika: 42.2%

UNdunankulu uthe isimo siba sibi nakakhulu kwezinye izifunda. Indawo enenani eliphakeme kakhulu lokubusa kwabokufika yise-Thekwini ngo 84.4%, ilandelwa yi-Amajuba ngo 77.9% kanye ne-King Cetshwayo ngo 64.3%.

“Lezi zibalo zisikhombisa ukuthi sidinga ukungenelela ngokushesha ukuze silungise ibhalansi futhi sinike amandla amabhizinisi endawo,” kusho uNtuli.

UKUGXILA EKUVUSELWENI UMNOTHO WENDAWO

Lo mhlangano uyingxenye yoHlelo lukaHulumeni lokulungisa umonakalo emnothweni wendawo olwaziwa ngokuthi eNgangeni ngeSango Iyafohla.

UNgqongqoshe WezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nokoNgiwa kweMvelo, uMfundisi Musa Zondi uyena obehola izingxoxo.

Enye yezinhloso ezisemqoka ezigqanyisiwe wukukhuthaza nokwandisa amathuba okuthuthuka komnotho ngokusebenzisa uhlelo lwe Local Ownership Businesses Activation, noma i-LOBA. Lolu hlelo luhloselwe ukuqinisekisa ukuthi amabhizinisi endawo, ikakhulukazi ama Spaza Shops, abe negalelo elikhulu ekukhuleni komnotho nasekudaleni amathuba emisebenzi kubantu basemalokishini.

Abaholi abakhona bavumelene ngokuthi kubalulekile ukusebenzisana phakathi kukahulumeni, imiphakathi kanye nomkhakha wamabhizinisi ukuze kuqinisekiswe ukuthi izinzuzo zomnotho zibuyela kubantu bendawo.

UMZAMO OYA PHAMBILI

UHulumeni uveze ukuthi uzoqhubeka nokusebenzisana nezinhlangano ezihlukene ukuqinisekisa ukuqaliswa kwamasu aphakanyisiwe kulo mhlangano. Ugxile ekutheni ama Spaza Shops angabi yizindawo zokuthenga kuphela, kodwa abe yisizinda sokukhula kwamabhizinisi amancane asiza ukuqinisa umnotho womphakathi.

Lo mhlangano uphetha ngesivumelwano sokuthi kuzosungulwa izinhlelo zokusekela, ukuqeqesha, nokunika imali yokuqalisa amabhizinisi endawo ukuze kuhlangatshezwane nezinselelo ezikhonjisiwe.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *