
IPhini likaNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, u-Andries Nel
SHEILA MHLONGO
Ubulungiswa kulesi sikhathi esisha sedijithali kufanele buqinisekise ukulingana okuhle phakathi kokuvikelwa kwamalungelo abantu nokufakwa kobuchwepheshe ohlelweni lwezobulungiswa.
Lokhu kushiwo yiPhini likaNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, u-Andries Nel, ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni i-Lex-Informatica 2026 ebibanjelwe ePitoli ngoLwesine lomhlaka 30 Julayi 2026.
Ekhuluma ngokuthuthuka okusheshayo kwezinhlelo ezifana nobuhlakani bokwenziwa, i-Artificial Intelligence (AI), uNel ugcizelele ukuthi nakuba ubuchwepheshe bunikeza amathuluzi anamandla okuguqula uhlelo lwezobulungiswa, ngeke bukwazi ukuthatha indawo yezimfanelo zobuntu eziwumgogodla wobulungiswa.
“I-AI ingakwazi ukuthola izinqumo zamacala angaphambilini, kodwa ayikwazi ukuqonda ukubaluleka kokuziphatha okuhambisana nesinqumo. Imishini ingakwazi ukucubungula ulwazi, kodwa ayikwazi ukuba nobuqotho. Ingakwazi ukwakha impikiswano, kodwa ayikwazi ukududuza isisulu.
“Ingakwazi ukuhlaziya ubufakazi, kodwa ayikwazi ukuqonda ngokugcwele ukwesaba kofakazi, ukuba sengcupheni kwengane noma isithunzi sommangalelwa.
“I-AI ayikwazi ukwenza isifungo. Ayikwazi ukwamukela isibopho futhi ayikwazi ukuqonda ubulungiswa ngendlela abantu ababuqonda ngayo – ekugcineni lokhu kusalokhu kuwumsebenzi wommeli noma wesikhulu sezobulungiswa,” kugcizelela uNel.
Ubalule icala lika-Mavundla v KwaZulu-Natal MEC for Cooperative Governance and Traditional Affairs njengesexwayiso ngobungozi bokuthembela ngokweqile ku-AI.
Kuleli cala, kwatholakala ukuthi abameli babefake imibhalo yezimpikiswano eyayiqukethe ezinye izingcaphuno zamacala ezingekho noma ezazisunguliwe.
“Lokhu kuyisikhumbuzo esiqhubekayo kithi sonke sokuthi nakuba i-AI inikeza amathuluzi anamandla ocwaningo nokubhala, ayikwazi ukuthatha indawo yesibopho sokuziphatha sokuqinisekisa ukunemba kolwazi kanye nokusebenzisa ukwahlulela kobungcweti.
“Asikwazi ukuncintisana nemishini ekucubunguleni ulwazi. Kodwa singakwazi ukwengeza kwezobuchwepheshe lokho ezingakwazi ukukunikeza – ukwahlulela, umongo, ukuqonda umehluko omncane, uzwela, izimiso zokuziphatha, isibindi nokuqonda kobuntu. Ngakho-ke inselelo akukhona ukumelana noshintsho lwezobuchwepheshe, kodwa ukuqinisekisa ukuthi ubuchwepheshe busebenzela ubulungiswa kunokuba buthathe indawo yesintu,” kusho uNel.
IPhini likaNgqongqoshe liphawule ukuthi nakuba kunezinselelo ezithile, ubuchwepheshe besimanje bubamba iqhaza nasekuthuthukiseni ukusebenza kahle ezinkantolo.
Esinye sezibonelo wuhlelo lwe-Court Online, aluchaze njengoluguqula indlela “amarekhodi asenkantolo aphathwa, alawulwa futhi abiwa ngayo”.
Lolu hlelo seluvumela lokhu:
- Ukunciphisa ukuhanjiswa kwabantu nemibhalo phakathi kwabathintekayo nezinkantolo;
- Ukufakwa nokutholakala ngokushesha kolwazi olumayelana namacala;
- Ukuqedwa kokulahleka noma ukuduka kwamafayela amacala; kanye
- Nokufinyelela ngesikhathi esifanayo olwazini lwecala, okuvumela abasebenzisi abaningi abagunyaziwe ukuba babuke futhi bacubungule ifayela elifanayo ngesikhathi esisodwa.
“Lolu hlelo luvumela amafemu abameli nababambene emacaleni ukuba bafake imibhalo yasenkantolo nge-inthanethi, ngaleyo ndlela kuncishiswe kakhulu ukuthembela ezinhlelweni ezivamile ezisebenzisa amaphepha,” kusho yena.
Ukufinyelela kwezobulungiswa
UNel uphawule ukuthi nakuba ukufakwa kwezinhlelo zedijithali kungenakugwemeka, uhlelo lwezobulungiswa kufanele luqaphele ukuvaleleka kwabanye ngaphandle ngenxa yokungakwazi ukufinyelela kubuchwepheshe, nokushiya ngemuva imiphakathi yasemakhaya, abantu asebekhulile kanye nalabo abampofu.
“ENingizimu Afrika, isidingo sokwakha uhlelo lwezobulungiswa oluqinile, olubandakanya wonke umuntu futhi olulungele ikusasa asikaze siphuthume njengamanje.
“Ukubhekana nalokhu, kubalulekile ukubona kusengaphambili izidingo zomthetho ngokusebenzisa ukuhlaziywa kwedatha okubikezelayo nokungenelela kusenesikhathi; ukuhlinzeka ngezinsizakalo zobulungiswa ngesikhathi nangendlela efinyelelekayo kusetshenziswa izinhlelo ezizenzakalelayo nezinkundla zedijithali; ukwazisa izinqumo zenqubomgomo ngemininingwane yesikhathi sangempela esekelwe ebufakazini; kanye nokwakha ukwethenjwa komphakathi ngokuthuthukisa ukubonakala, ukuziphendulela nokusabela,” kunxusa yena.
Unxuse ukuba kube nendlela ebandakanya wonke umphakathi ekuvikeleni amalungelo abantu ngesikhathi umhlaba uqhubekela phambili ngokushesha ekuguqukeni kwedijithali.
“Ubulungiswa esikhathini sedijithali bumayelana nokulinganisela: ukulinganisela phakathi kokusungula izinto ezintsha nokuziphendulela, inqubekelaphambili nokuvikelwa, kanye nokusebenza kahle namalungelo abantu nokubandakanywa kwawo wonke umuntu. Bumayelana nokwakha umphakathi lapho ubuchwepheshe busebenzela isintu, hhayi lapho isintu sisebenzela khona ubuchwepheshe.
“Ngokubambisana – uhulumeni, amabhizinisi, abezomthetho, izikhungo zemfundo ephakeme, izimboni kanye nezinhlangano zomphakathi – singakha ikusasa ledijithali elihlonipha amagugu ethu oMthethosisekelo, livikele amalungelo abantu futhi liqinise ukubusa komthetho.
“Masizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi isikhathi sedijithali sisebenzela ukuthuthukisa impilo yesintu,” kuphetha uNel. – SAnews.gov.za

