
SHEILA MHLONGO
UMengameli uCyril Ramaphosa useqoke amalungu oMkhandlu Kazwelonke Wokulwa Nodlame Olusekelwe Ngokobulili Nokubulawa Kwabesifazane isikhathi esiyiminyaka emithathu, kusukela mhla lu-1 kuNcwaba 2026 kuze kube mhla zingama-31 kuNtulikazi 2029.
“Njengoba uMkhandlu uqala ukusebenza ekuqaleni kweNyanga Yabesifazane, uMengameli uRamaphosa ulindele ukuthi usebenzise ukuhlukaniswa kodlame olusekelwe ngokobulili nokubulawa kwabesifazane njengenhlekelele kazwelonke ukuze uphonsele inselelo imicabango nemikhuba eyingozi, uthuthukise ukufukulwa kwabesifazane kwezomnotho, uqinise ukusebenza kwezikhungo zomthetho futhi wandise ukwesekwa okugxile ezidingweni zabasinde kulolu dlame,” kusho iHhovisi likaMengameli esitatimendeni.
Uhulumeni wethule ngokusemthethweni umkhankaso weNyanga Yabesifazane ka-2026 ngoMgqibelo eThekwini, KwaZulu-Natal, ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Abesifazane Abafukuliwe Bafukula Isizwe.”
Lo mcimbi wokwethula umkhankaso uhloniphe iqhaza elibalulekile elibanjwa ngabesifazane emnothweni waseNingizimu Afrika, ngesikhathi futhi uvuma ukuthi basebaningi ababhekene nezinselelo eziqhubekayo. Lezi zinselelo zihlanganisa ukungakwazi ukuthola uxhaso lwezimali, amathuba okuthola imisebenzi kahulumeni neyokuhlinzeka ngezimpahla nezinsizakalo, izimakethe, ulwazi, ubuchwepheshe kanye nokwesekwa kokuthuthukiswa kwamabhizinisi.
Lezi zinselelo ziphinde zenziwe zibe zimbi kakhulu ububha, ukuntuleka kwemisebenzi, ukungalingani kwamaholo, ukucwaswa kanye nodlame olusekelwe ngokobulili nokubulawa kwabesifazane (GBVF).
Lokhu kuqokwa kwenziwe ngokuhambisana nesigaba sesi-6(1)(a), sifundwa nezigaba sesi-6(2) nesesi-6(3), kanye nesigaba sesi-9(1)(a) soMthetho woMkhandlu Kazwelonke Wokulwa Nodlame Olusekelwe Ngokobulili Nokubulawa Kwabesifazane ka-2024, uMthetho No. 9 ka-2024.
UMkhandlu uyisikhungo esisungulwe ngokomthetho futhi esijutshwe ukuhlinzeka ngobuholi obunamasu ekuqedweni kodlame olusekelwe ngokobulili nokubulawa kwabesifazane eNingizimu Afrika.
Uphinde ujutshelwe ukuhlanganisa indlela yokusebenza ngokubambisana kwemikhakha ehlukahlukene ukuze kuqaliswe isu likazwelonke lokubhekana nodlame olusekelwe ngokobulili nokubulawa kwabesifazane. Lokhu kufanele kwenziwe ezingeni likazwelonke, lezifundazwe, lohulumeni basekhaya, emiphakathini nakwezinye izithangami.
UMengameli uqoke la malungu alandelayo oMkhandlu:
- UDkt Ramalepe Lebogang Mathibe
- UNksz Keitumetse Fatimata Moutloatse
- UNksz Caroline Peters
- UDkt Zubeda Dangor
- UNksz Vuyisiwe Numalo
- UMnu Anele Siswana
- UMnu TWM Limema
Ngokwesigaba sesi-6(6)(a) soMthetho woMkhandlu Kazwelonke Wokulwa Nodlame Olusekelwe Ngokobulili Nokubulawa Kwabesifazane, uMengameli uqoke uMathibe njengoSihlalo woMkhandlu, kwathi uWelheminah R. (Shoki) Tshabalala waqokwa njengePhini likaSihlalo.
— SAnews.gov.za

