INingizimu Afrika iyohlala iyikhaya lazo zonke izakhamuzi zayo

Ifulegi lophawu lwaseNingizimu Afrika

SHEILA MHLONGO

IKhabhinethi isigcizelele ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika, kungakhathaliseki ubuhlanga babo noma imibono yabo yezepolitiki, bayohlale benekhaya kuleli zwe.

Lokhu kulandela izinsolo zokuthi abantu abamhlophe baseNingizimu Afrika abakhetha ukuyohlala kabusha e-United States of America (USA), bethi kunokuqothulwa kwabamhlophe eNingizimu Afrika, kusolwa ukuthi banqatshelwe ama-visa.

Ekhuluma nabezindaba ePitoli ngoLwesine ngemiphumela yomhlangano weKhabhinethi obungoLwesithathu, uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uKhumbudzo Ntshavheni, uthe uHulumeni usazibophezele ekuvikeleni amalungelo abo bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokuhambisana noMthethosisekelo.

“Abantu baseNingizimu Afrika, kungakhathaliseki imibono yabo yezepolitiki, bayohlale benekhaya kuleli zwe ngaphandle kokwesaba ukushushiswa noma ukucindezelwa ngenxa yezepolitiki, ngokuhambisana nemithetho yeRiphabhulikhi,” kusho uNtshavheni.

Uthe nakuba iNingizimu Afrika isabhekene nezinselelo ezinkulu zezenhlalo nezomnotho, lezi zinselelo zithinta zonke izakhamuzi, kungakhathaliseki ubuhlanga noma ubulili bazo.

“Lezi zinselelo kufanele kubhekwane nazo ngomzamo ohlanganyelwe wabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, obandakanya uHulumeni, amaqembu ezepolitiki, izinyunyana zabasebenzi, osomabhizinisi, izinhlangano zomphakathi kanye nomuntu ngamunye waseNingizimu Afrika. Le mizamo ehlanganyelwe kufanele ivume umthelela osaqhubeka wefa lombuso wobandlululo kanye nesidingo sokulungisa ukungabi nabulungisa kwesikhathi esidlule,” kusho uNgqongqoshe.

IKhabhinethi icele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokwenqaba imizamo yokuhlehlisa impumelelo yentando yabantu ngokugqugquzela ukwahlukana ngokobuhlanga. Esikhundleni salokho, kufanele baphinde bazibophezele emgomweni wokwakha iNingizimu Afrika ebumbene, engenalo ubandlululo futhi echumayo.

SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *