Umfundi wase-UKZN uthole umfundaze owengeziwe we-South African Journal on Human Rights

Isithombe: UNksz Yizozodwa Dlamini, ohlomule ngomfundaze owengeziwe we-South African Journal on Human Rights.

SHEILA MHLONGO

  • Umfundi wase-UKZN, uNksz Yizozodwa Dlamini, uklonyeliswe ngomfundaze ohlonishwayo we-South African Journal on Human Rights (SAJHR) Top-Up Bursary.
  • UDlamini wenza iziqu ze-Master of Laws emkhakheni wezokuqulwa kwamacala aphathelene noMthethosisekelo.
  • Ucwaningo lwakhe lubheka ukuthi ngabe umbono woMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wokuguqulwa komnotho uyaholela yini ekuthuthukisweni komnotho wabesifazane ngendlela ebonakalayo.

Umfundi waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) owenza iziqu ze-Master of Laws (LLM), uNksz Yizozodwa Dlamini, uklonyeliswe ngomfundaze ohlonishwayo owengeziwe we-South African Journal on Human Rights (SAJHR).

Lo mfundaze uqhakambisa ukusebenza kwakhe kahle ezifundweni kanye nezinga eliphezulu locwaningo lwakhe njengoba ephothula iziqu ze-Master of Laws (LLM) emkhakheni wezokuqulwa kwamacala aphathelene noMthethosisekelo.

Umfundaze we-SAJHR Top-Up Bursary, okuncintiswana kakhulu ngawo, unikezwa minyaka yonke abafundi abenza izifundo zeziqu eziphakeme emanyuvesi omphakathi aseNingizimu Afrika. Unikezwa abafundi abacwaninga ngezihloko ezithuthukisa ulwazi kwezomthetho womthethosisekelo, amalungelo abantu, ubulungiswa kanye neminye imikhakha ehlobene nalokhu.

Lo mklomelo ubuye uqhakambise abacwaningi abasafufusa abenza umsebenzi onamandla okuba negalelo elibonakalayo ekugcinweni kwezimiso zoMthethosisekelo kanye nasekuthuthukisweni kobulungiswa emphakathini waseNingizimu Afrika.

Ucwaningo lukaDlamini olunesihloko esithi, “A Constitutional Analysis of Broad-Based Black Economic Empowerment and Constrained Economic Agency Among Young Black Women Entrepreneurs in South Africa,” luhlaziya ngokujulile ukuthi ngabe uMthetho Wokufukulwa Kwabamnyama Kwezomnotho Okubanzi, i-Broad-Based Black Economic Empowerment Act, usuwufeze yini umsebenzi wawo wokuletha uguquko oluhambisana noMthethosisekelo.

Lolu cwaningo lubheka ukuthi lo Mthetho usuwavulele yini amathuba aphusile abesifazane abasebasha abaNsundu abangosomabhizinisi ngokubenza bakwazi ukuthola uxhaso lwezimali, ukwesekwa ekuthuthukisweni kwamabhizinisi kanye nokukhulisa amabhizinisi abo ngendlela eqhubekayo.

Echaza ngogqozi olwaholela ekutheni enze lolu cwaningo, uDlamini uthe ukukhulela emndenini osomabhizinisi nokugcina esephethe ibhizinisi lakhe kwamveza ezinkingeni ezihlelekile ezibhekene nabesifazane abaningi abasebasha abaNsundu abangosomabhizinisi.

“Naphezu kokuzimisela, ikhono kanye nokuzibophezela okungaguquki ekuphumeleleni, ngahlangabezana nezingqinamba ezihlelekile zezimali, zezikhungo kanye nezomphakathi. Lezi zingqinamba zazingahlobene nekhono lokuqhuba ibhizinisi, kodwa zazihlobene ngokuphelele nokungalingani ekutholeni amathuba,” kusho yena.

Umfundaze we-SAJHR uzosiza uDlamini ukuba aphothule izifundo zakhe zeziqu eziphakeme, ngesikhathi umnika nethuba lokugxila ekwenzeni ucwaningo olusezingeni eliphezulu kakhulu.

“Lolu xhaso luzokwehlisa umthwalo wezimali wokuphothula iziqu zami ze-LLM ngokungisiza ukuba ngikhokhe izimali engisazikweleta enyuvesi. Lokhu kuzongivumela ukuba ngigxile ngokugcwele ekwenzeni ucwaningo olusezingeni eliphezulu kakhulu,” kusho yena.

Wengeze ngokuthi lo mklomelo usho lukhulu kakhulu kuye kunosizo lwezimali kuphela.

“Ukwethenjwa kwami yi-SAJHR kungenza ngizithobe futhi kungikhuthaza kakhulu. Ukuhlonishwa okuhambisana nalo mklomelo kuletha amathuba angenakuthengwa ngemali, okuhlanganisa ukusebenzisana nezifundiswa esikhathini esizayo, ukwelulekwa, ukwakha ubudlelwano emkhakheni wobungcweti kanye nokulwela amalungelo,” kusho uDlamini.

UDlamini uhlela ukuthuthukisa ucwaningo lwakhe ukuze lushicilelwe njengombhalo wezemfundo njengoba eqhubekela ezifundweni zobudokotela.

“Njengoba ngiphothula iziqu zami ze-LLM futhi ngilungiselela ukwenza iziqu ze-PhD, nginethemba lokuthuthukisa ucwaningo lwami lube yindatshana engashicilelwa. Ngifisa lube negalelo olwazini lwezomthethosisekelo kanye nasezingxoxweni eziqhubekayo eziphathelene noguquko oluholwa uMthethosisekelo, ubulungiswa kwezomnotho kanye namandla abesifazane abasebasha abaNsundu abangosomabhizinisi okubamba iqhaza emnothweni waseNingizimu Afrika,” kusho yena.

Ngaphandle komkhakha wezemfundo, uDlamini uzibophezele nasekuthuthukiseni imiphakathi. Ungomunye wabasunguli benhlangano engenzi nzuzo ebizwa ngokuthi She Knows the Law, eyasungulwa ngeNyanga Yabesifazane nyakenye ngenhloso yokuthuthukisa ulwazi lwezomthetho nokwenza kube lula ukuthola ubulungiswa, ikakhulukazi kwabesifazane kanye nentsha.

Olunye lwezinhlelo eziphambili zale nhlangano, olubizwa ngokuthi Own Your Future, luhlose ukweseka abafundi bakamatikuletsheni, ikakhulukazi abavela emiphakathini yasemakhaya. Lolu hlelo lubanikeza ukwelulekwa ngokukhetha imisebenzi kanye nokucathuliswa njengoba belungiselela ukungena ezikhungweni zemfundo ephakeme nasemhlabeni womsebenzi.

Top of Form

Bottom of Form

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *