Okungiphathakabi eyokucwaswa kwethu engathi uma ukhubazekile unokugula, abantu abasihloniphi futhi abasithathisi okwabantu abaphilayo,kakhulukazi thina esinokukhubazeka okungavelile obala ngisho ngoba ngazalwa ngingezwa endlebeni eyodwa uma umuntu ungamuzwanga uzozwa esekuthuka noma akubize ngawo wonke amagama, unempakamo, uyazitshela kanti awumuzwanga.
Okunye ukudatshukelwa manje engathi sugula kakhulu ke uma usho ukuthi ukhubazekile, engikuthandayo ukuthi thina esikhubazekile siyahloniphana asizitsheli ukuthi siyagula noma sithi siphila nokukhubazeka kangangoba ukukhubazeka kwehlela noma ubani yize abanye bezalwa nakho.

