
Ingqungquthela ye-DDP igcizelele ukuthi ukumelwa kwabesifazane akumele kugcine ngokubalwa kwabesifazane abasezikhundleni kuphela, kodwa kumele kubanikwe amandla okuthatha izinqumo, ukuba nexwi kwizabelomali nokuletha ushintsho emiphakathini.
SHEILA MHLONGO
KUGQAMISWE ukubaluleka kokwandiswa kokumelwa nokubamba iqhaza kwabesifazane ekuthathweni kwezinqumo koHulumeni baseKhaya ngesikhathi kubanjwe i-Democracy Development Program Women’s Conference 2026 e-Elangeni Hotel, eThekwini, ngoLwesine, mhla ziyi-13 kuSepthemba 2026.
Le ngqungquthela ibingaphansi kwesiqubulo esithi: “Politics of Gender Representation: Enhancing Transformative Representation of Women in Local Government”, esigxile kwezepolitiki zokumelwa ngokobulili kanye nokuthuthukiswa kokumelwa kwabesifazane okuletha uguquko koHulumeni baseKhaya.
Ibibanjwe ngesikhathi iNingizimu Afrika igubha iminyaka engu-70 kusukela kwaba neMashi Yabesifazane eyingqophamlando yango-1956, lapho abesifazane abangaphezu kuka-20 000 bamasha bebheke e-Union Buildings, ePitoli, bephikisana nemithetho yamapasi kahulumeni wobandlululo.
Ingqungquthela ihlanganise abaholi besifazane, abenzi bezinqubomgomo, abamele amaqembu ezepolitiki, osomabhizinisi, izinhlangano zomphakathi, izishoshovu, abezindaba, abesifazane abayizithulu kanye nabalwela amalungelo abantu abakhubazekile.
Izingxoxo bezigxile ekuqiniseni ukumelwa kwabesifazane kwezombusazwe, ekulweni nokucwaswa ngokobulili, ekuvikelekeni kwabesifazane abaholi, ekwakhiweni kwezabelomali ezibhekelela ubulili kanye nasekulungisweni kwezinhlelo zamaqembu ezepolitiki ukuze zinike abesifazane amathuba alinganayo.
UKUMELWA AKUMELE KUGCINE NGEZIBALO
Emazwini akhe okuvula ingqungquthela, uMqondisi Omkhulu we-DDP, uDkt Paul Kariuki, wemukele izithunywa waphinde wabonga nokubamba iqhaza kwabamele imboni ezimele.
Uthe ukuba khona kwezinhlaka ezahlukene kukhombisa ukubaluleka kokusebenzisana ekwakheni intando yabantu evulelekile, lapho abesifazane nabantu abasha bengagcini ngokubakhona kuphela kodwa bebamba iqhaza elibonakalayo ekuthathweni kwezinqumo.
USihlalo weBhodi le-DDP, uDkt Devi Rajab, ukhumbuze izithunywa ngezinselelo ezazibhekene nabesifazane ngesikhathi sobandlululo, okubalwa kuzo ukucwaswa kwabesifazane ezindaweni zokusebenza ngenxa yokukhulelwa.
Uthe owesifazane onguchwepheshe akumele athathwe njengomuntu ongaphansi kowesilisa osebenza emkhakheni ofanayo.
URajab uthe ukucindezelwa kwabesifazane akuyona inkinga yaseNingizimu Afrika kuphela, kodwa kuyinkinga ekhona emhlabeni wonke. Ubalule ukuhlupheka kwabesifazane kwamanye amazwe, lapho amalungelo abo emfundo, omsebenzi nawokuzimela elokhu encishiswa.
Uthe nakuba iNingizimu Afrika izuze inqubekela phambili ngaphansi kwentando yabantu, izithiyo ezibangelwa wubukhosi babesilisa, ukucwaswa ngokobulili kanye nodlame zisavimbela abesifazane abaningi ukuba bangene ezikhundleni zobuholi.
“Njengabesifazane kumele sisukume silwele amalungelo ethu,” kusho uRajab.
Uthe izingqungquthela ezifana nalena akumele zigcine ziyizinkundla zokukhuluma kuphela, kodwa kumele zikhiqize izinhlelo ezisebenzayo nezisombululo ezingaguqula impilo yabesifazane. Ubuye wagcizelela ukubaluleka kobulungiswa obubuyisa isithunzi kulabo abake baba yizisulu zodlame nokucindezelwa.

